Bazihlanganisa Nobuzalwane Obunobunye
Kwakungo-August 7, 1993, eRepublican Stadium eKiev, e-Ukraine. Abantu abangaphezu kuka-64 000 ababekhona, babebheke ngokulangazelela njengoba isikhathi sase sifikile. Khona-ke, ekuphenduleni imibuzo emibili enengqondo, izinkulungwane zamemeza ngokuthi “Da!” (“Yebo!”) Ngalendlela, zazivuma obala ukholo lwazo futhi zase ziqhubeka zibonisa ukuzinikezela kwazo kuJehova uNkulunkulu ngokubhapathizwa kwelinye lamachibi ayisithupha kulenkundla.—Mathewu 28:19.
Ngakho, ngalolusuku lwesithathu loMhlangano Wezizwe “Wokufundisa Kwaphezulu” WoFakazi BakaJehova, izilaleli zabona isenzakalo esivelele: kwabhapathizwa abangu-7 402 futhi abazange babe ingxenye yesonto elihlukene, kodwa yebandla lobuKristu lomhlaba wonke elinobunye.
Uma ungathanda ukufunda okwengeziwe ngobunye beqiniso bobuKristu, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele elisekhasini 2.