Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 6/15 k. 32
  • U-Abrahama—Wangcwatshwa Lapha, Kodwa Uyaphila?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • U-Abrahama—Wangcwatshwa Lapha, Kodwa Uyaphila?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 6/15 k. 32

U-Abrahama—Wangcwatshwa Lapha, Kodwa Uyaphila?

Emakhulwini amaningi eminyaka amaJuda, amaSulumane, namaKristu aye athatha uhambo oluya kulendawo.

Ungayivakashela emzini wasendulo iHebroni, eningizimu yeJerusalema. Lesisakhiwo sibizwa ngokuthi iHaram el-Khalil nangokuthi iThuna Lezinzalamizi. Yebo, lesisakhiwo samukelwa kabanzi njengendawo okwangcwatshwa kuyo izinzalamizi u-Abrahama, u-Isaka, noJakobe, kanye nawomkabo abahlukene uSara, uRebeka, noLeya.

Khumbula ukuthi iBhayibheli lithi lapho umkakhe othandekayo uSara efa, u-Abrahama wathenga umhume njengendawo yokungcwaba nezwe elithile eMakaphela, eduze neHebroni. (Genesise 23:2-20) Kamuva, u-Abrahama naye wangcwatshwa lapha, kanye namanye amalungu omkhaya. Emakhulwini eminyaka kamuva, eduze kwaleyondawo yokungcwaba engokwesiko, uHerode Omkhulu wakha isakhiwo esikhulu ngokuhamba kwesikhathi esashintshwa futhi sakhuliswa abanqobi, bebonakalisa izinkolelo zabo ezingokwenkolo.

Lapho ungena, ubona ama-cenotaph (izakhiwo eziyisikhumbuzo noma amathuna angenalutho) ayisithupha. Indawo yokungena ibonisa ithuna lika-Isaka, indodana ka-Abrahama. Eduze kwalo kunemigodi ephumela endaweni ephansi, ebisetshenziselwa ukungena ukuze kufinyelelwe emathunjini alo. Abacwaningi bathola amakamelo okungenzeka ukuthi ayenamathambo amaningi asendulo.

Kuthiwani ngo-Abrahama? Uma angcwatshwa emhumeni manje ongaphansi kwalendawo, sekukudala afa, akunjalo? Izivakashi eziningi zizovuma. Nokho umprofethi omkhulu kuno-Abrahama wathi ngomqondo othile u-Abrahama usaphila. Kanjani? Futhi lokhu kungaluthinta kanjani ukholo lwakho?

Siza ufunde isihloko esithi “Abathandekayo Bakho Abafile—Bakuphi?” (Ikhasi 3) Sikhuluma ngalokho lowomprofethi omkhulu akusho ngokuba kuka-Abrahama ophilayo, okuwukwaziswa okungaba okubaluleke kakhulu kuwe nasemkhayeni wakho.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela