Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Walalela Unembeza Wakhe Oqeqeshwe NgeBhayibheli
INKOSI yakwa-Israyeli uDavide yathandazela usizo lukaJehova lapho ithi: “Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami; ngihlenge, ube-nomusa kimi.” (IHubo 26:11) UNkulunkulu wambonisa umusa ngenxa yokulondoloza ubuqotho bakhe. UJehova wabusisa noJesu ngenxa yokuthi wenza intando kaYise osezulwini, wabuye wabusisa nosemusha eColombia owalalela unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli futhi wazimisela ukwenza intando kaNkulunkulu. Lensizwa iyalandisa:
“Lapho ngiqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngangifunda esikoleni samaKatolika. Nokho, unembeza wami wawungikhathaza lapho ngiya eMiseni, ngakho ngaya kuthisha-nhloko (owayengumpristi), umeluleki kwezemfundo, nomsizi kathisha weqembu lethu ngacela ukuba bangivumele ukuba ngingayi eMiseni. Nakuba ngadedelwa, abathile babezama ukungiphoqelela ukuba ngibe khona. Lokhu kucindezela kwanda ngisho nangemva nje kokubhapathizwa kwami njengomunye woFakazi BakaJehova. Ubaba wasongela ngokungixosha ekhaya uma ngingaxoshwa esikoleni. Wayehlose ukuba ngithole imfundo yaseyunivesithi nomsebenzi wobuchwepheshe.
“Uthisha-nhloko waxwayisa ngokuphindaphindiwe nganoma ubani owayehluleka ukugcina izibopho zobuKatolika. Lapho kufika isikhathi seMisa lokuqala onyakeni, ngacasha laze laphela. Khona-ke nganikeza uthisha (umpristi) ikhophi yencwajana ethi Isikole NoFakazi BakaJehova futhi ngamtshela ukuthi njengomunye woFakazi BakaJehova, ngangingenakuba khona eMiseni. Wathi: ‘Kungangcono uqale ukufuna esinye isikole.’ Ngangazi ukuthi ukuxoshwa esikoleni kwakuyosho ukuxoshwa ubaba ekhaya. Nakuba kunjalo, ngathandaza kuJehova futhi ngaqhubeka nginikeza ubufakazi ngokungashwampuluzi kwengifunda nabo.
“Safika isikhathi seholide lesikole. Khona-ke, sesiphindele esikoleni ngemva kweholide lesikole, kwaphinda futhi kwaba yisikhathi seMisa. Uthisha-nhloko wesikole nabanye abapristi babephambi kwendlu yokukhulekela, belindele ukuzwa ukuvunywa kwezono. Ngacishe ngafa uvalo. Ngangena futhi ngahlala phansi, kodwa unembeza wami wangikhathaza. Lapho kuqalwa ukuhlabelela, ngacabanga, ‘Ngifunani lapha? UJehova unguNkulunkulu wami. Anginakuba yigwala futhi ngimlahle. Anginakumdumaza. Ngeke angilahle.’ Ngathandazela isibindi. Khona-ke, ngaphumela ngaphandle kwendlu yokukhulekela futhi ngema emgqeni okuma kuwo abavuma izono. Lapho ngifika kuthisha-nhloko, ngamtshela: ‘Thisha, angizelanga ukuzovuma izono.’ Wathi: ‘Ngivele ngabona.’ Ngamtshela ukuthi ngangizimisele ukubhekana nemiphumela kodwa unembeza wawungangivumeli ukuba ngihlanganyele eMiseni. Ngangingenakwenza ngokumelene nezinto engizifunde eBhayibhelini.
“Wangibheka, wamomotheka, wabe esethi: ‘Ngiyakuhlonipha. Nonke nina boFakazi nifanelwe ukuhlonishwa. Kinina, uNkulunkulu uza kuqala, futhi nizimisele ukulalela imithetho yakhe kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Yibambeni kanjalo. Nenza kahle kakhulu. Ngifisa sengathi ngabe wonke amaKatolika abefana nani, ebonisa intshiseko enjalo, uthando olunjalo ngoNkulunkulu. Kusukela manje, ukhululekile ukuba ungahlanganyeli ezinkonzweni zethu ezingokwenkolo.’ Yeka indlela engangijabule ngayo! UJehova wayebusise ukuzimisela kwami ukulalela unembeza wami oqeqeshwe ngeBhayibheli.
“Ngosuku olulandelayo uthisha-nhloko wathi kubafundi: ‘Ezinye izinkolo ziyasedlula. Kungani singafani nazo, sishiseke, sibe nothando olujulile ngoNkulunkulu nesifiso sokumkhonza ngaphezu kwanoma yini enye? Lokhu ngokuthile okumelwe kube sezinhliziyweni zethu.’
“Ekugcineni lothisha-nhloko wathunyelwa eRome, futhi uthisha-nhloko omusha wesikole wamane nje wangakunaka ukungahlanganyeli kwami. Ubaba wahamba ekhaya, ngasala ngikhululekile ukufinyelela umgomo wami wenkonzo yesikhathi esigcwele ngemva kokuphothula esikoleni.”
UJehova uye wambusisa lona osemusha owalalela unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. Ngokufanayo uyobabusisa bonke labo abafuna ukwenza intando yakhe.—IzAga 3:5, 6.