Sekuyiminyaka Eyishumi Iphuma Ngesikhathi Esifanayo!
LAPHO ebuzwa ukuthi wazizwa kanjani eminyakeni eyishumi edlule lapho INqabayokulinda yeSipanishi iqala ukunyatheliswa ngesikhathi esifanayo neyesiNgisi, omunye udade othandekayo waseSpain waphendula: ‘Sinomuzwa wokuthi kuyisibusiso ngoba manje ngingathi nje, sesiyahambisana nesiNgisi. Lapho ngithi isiNgisi, ngaso sonke isikhathi ngicabanga ngenhlangano. Lenhlangano siyibheka ‘njengoMama.’ Sizizwa sisondelene ngokuseduze nayo. Yinhle. Iyamangalisa!’
Lodade othembekile waveza imizwa yabafundi abaningi abangakwazi ukukhuluma isiNgisi. Eminyakeni edlule, izihloko kumagazini weSipanishi INqabayokulinda zazivela ezinyangeni eziyisithupha ngemva kokunyatheliswa kwazo ngesiNgisi. Nezinye izilimi zazibambezeleka ngendlela efanayo. Ngokuqondakalayo, kwakunesifiso esijulile sokunyathelisa ukwaziswa okufanayo, ngesikhathi esifanayo, ngezilimi eziningi.
Ngakho kusukela kumagazini ka-April 1, 1984, umagazini weSipanishi waba ngowokuqala ukuba uphume ngesikhathi esifanayo nowesiNgisi. Ezinye izilimi zalandela ngokushesha. Ngasekuqaleni kuka-1985, umagazini wase uphuma ngesikhathi esifanayo ngezilimi ezingu-23. Njengoba kwakutholwa abahumushi futhi beqeqeshwa, lomagazini waqala ukuhambisana nowesiNgisi ezilimini eziningi.
Yona le-Nqabayokulinda oyiphethe iphawula unyaka weshumi iphuma ngesikhathi esifanayo. INqabayokulinda manje inyatheliswa ngezilimi ezingu-116, ezingu-85 zazo zinyatheliswa ngesikhathi esifanayo. Lokhu kusho ukuthi amaphesenti angu-99,3 engqikithi engu-16 100 000 yamakhophi e-Nqabayokulinda akhiqizwayo anesembozo nezihloko ezifanayo. Kulabo ababa khona eSifundweni Se-Nqabayokulinda samasonto onke, abangaphezu kwamaphesenti angu-95 bacabangela ukwaziswa okufanayo ngesikhathi esifanayo.
Ezilimini ezingu-74 ze-Phaphama!, umagazini ongumngane we-Nqabayokulinda, izilimi ezingu-37 zinyatheliswa ngesikhathi esifanayo. I-Yearbook of Jehovah’s Witnesses yaminyaka yonke inyatheliswa ngezilimi ezingu-18. Umagazini onjena ophuma ngesikhathi esifanayo uhlanganisa abantu bakaNkulunkulu “emqondweni munye nasekuboneni kunye.”—1 Korinte 1:10.