Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 3/15 k. 32
  • Ubusuku Bokukhunjulwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubusuku Bokukhunjulwa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 3/15 k. 32

Ubusuku Bokukhunjulwa

NGOSUKU lokukhunjulwa eminyakeni engaphezu kuka-3 500 edlule, uJehova uNkulunkulu wayala ama-Israyeli ayeyizigqila eGibithe ukuba abulale iwundlu futhi afafaze igazi lalo ezinsikeni nasemakhothameni ezindlu zawo. Ngabo kanye lobobusuku, ingelosi kaNkulunkulu yadlula ezindlini ezaziphawulwe ngalendlela kodwa yabulala amadodana angamazibulo emizini yabo bonke abaseGibithe. Khona-ke ama-Israyeli akhululwa. Kusukela ngalesosikhathi, ngosuku lonyaka lwalesosenzakalo, amaJuda aye agubha iPhasika.

Ngokushesha ngemva kokuba uJesu Kristu eseqedile ukugubha iPhasika lakhe lokugcina nabaphostoli bakhe, wamisa isidlo esasiyoba yisikhumbuzo sokufa kwakhe okuwumhlatshelo. Wanika abaphostoli bakhe abathembekile isinkwa wayesethi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.” Khona-ke wabanika isitsha sewayini wayesethi: “Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.” UJesu wabuye wathi: “Yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” (Mathewu 26:26-28; Luka 22:19, 20) Ngakho uJesu wayala abalandeli bakhe ukuba bagubhe lomkhosi wokufa kwakhe.

OFakazi BakaJehova bakumema ngokufudumele ukuba uhlanganyele nabo ekugubheni lomkhosi weSikhumbuzo sokufa kukaJesu. Ungaba khona eHholo LoMbuso eliseduze nawe. Thintana noFakazi abasendaweni yakini ukuze uthole isikhathi esiqondile nendawo. Usuku lwalomkhosi ngo-1994 lungoMgqibelo, ngo-March 26, isinkwa newayini kuyohanjiswa ngemva kokushona kwelanga.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela