“Ake sifunde Okwengeziwe Ngaphambi Kokuba Sihleke Usulu”
YILOKHO umuntu othile waseNew Zealand akusho mayelana ne-Nqabayokulinda, wona lomagazini owufundayo. Ngokuphathelene nesihloko esikhuluma ngenqola kaNkulunkulu engokwasezulwini echazwe kuHezekeli isahluko 1, lomuntu wabhala:
“Ngasinye salezidalwa ezine eziphilayo, noma amakherubi, sasinamaphiko amane nobuso obune. Zazinobuso bebhubesi, obubonisa ubulungisa bukaJehova; ubuso benkunzi, obumelela amandla kaNkulunkulu; ubuso bokhozi, obubonisa ukuhlakanipha kwakhe; nobuso bomuntu, obubonisa uthando lukaJehova.
“Ngemva kokufunda lokhu ngokuphindaphindiwe, ngathokoza ngaphakathi enhliziyweni yami. Ngafikelwa izinyembezi zenjabulo emehlweni ami. Ngokushesha ngacabanga, ‘Yeka indlela okumelwe ukuba umuhle futhi ujabulisa ngayo, Jehova!’ Ngishaqeke ngempela ngendlela engizizwa ngayo manje ngoJehova uNkulunkulu engiye ngamhleka usulu iminyaka eminingi, njengoba nje ngingumuntu wasezweni. ‘Ngiyabonga’ koFakazi BakaJehova, futhi kwabanye abanjengami, ngithi, ‘Ake sifunde okwengeziwe ngaphambi kokuba sihleke usulu.’”