Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 2/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wayeshade Nobani UKhayini?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izelamani Ezaba Nezimo Zengqondo Ezingafani
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ukunikela Imihlatshelo Eyamukelekayo KuJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • UKhayini wamtholaphi umkakhe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 2/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

UNkulunkulu waxwayisa uKayini ngokuthi ‘isono sasicuthe ngasemnyango futhi ukunxanela kwaso kwakukuye,’ okubonakala kubhekisela esilweni sasendle nenyamazane yaso eyisisulu. (Genesise 4:7, qhathanisa ne-“NW.”) Uma ngaphambi kukaZamcolo izilwane zazidla uhlaza kuphela, kungani kwakungase kusetshenziswe lololimi?

Ezincwadini ezabhalwa nguMose, sithola amavesi amaningi abonisa amaqiniso noma izenzakalo ezingokomlando ezingase zibonakale zingafaneleki ekuhlelweni kwazo okungokomlando.

Ngokwesibonelo, ukulandisa kukaGenesise 2:10-14 kunikeza imininingwane ethile ephathelene nomumo wensimu yase-Edene. UMose wabhala ukuthi omunye umfula ‘wawugobhoza ngasempumalanga kwaseAsiriya.’ Kodwa izwe lase-Asiriya lethiwa ngo-Ashuri, indodana kaShemi eyazalwa ngemva kukaZamcolo. (Genesise 10:8-11, 22; Hezekeli 27:23; Mika 5:6) Ngokobufakazi obutholakalayo, ekulandiseni kwakhe okunembile, okuphefumlelwe, uMose wamane wasebenzisa igama elithi “Asiriya” ukuze abhekisele endaweni eyayijwayelekile kubafundi bakhe.

Cabangela esinye isibonelo esitholakala ezahlukweni zokuqala zikaGenesise. Ngemva kokuba u-Adamu no-Eva bonile futhi baxoshwa ensimini yase-Edene, uJehova wabavimbela ekubuyeleni kuyo. Kanjani? UGenesise 3:24 uthi: “Wamxosha uAdamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.” Phawula, “inkemba yelangabi ephenduphendukayo.” Ingabe uNkulunkulu wasungula izinkemba?

Akudingekile ukuba siphethe ngokuthi uMdali wethu onothando wayengowokuqala owenza esikwazi ngokuthi izinkemba. U-Adamu no-Eva babona okuthile okwakuvutha kuphenduphenduka phambi kwezingelosi. Kwakuyini ngempela? Ngesikhathi uMose ebhala incwadi kaGenesise, izinkemba zazaziwa kahle futhi zisetshenziswa empini. (Genesise 31:26; 34:26; 48:22; Eksodusi 5:21; 17:13) Ngakho amazwi kaMose athi “inkemba yelangabi ephenduphendukayo” enza ukuba abafundi bakhe bakwazi ukubona ngeso lengqondo ngokwezinga elithile lokho okwakukhona endleleni eya e-Edene. Ukwaziswa okwakwaziwa ngosuku lukaMose kwaba nengxenye ekuqondeni izindaba ezinjalo. Futhi ulimi uMose alusebenzisa kumelwe ukuba lwalunembile, ngoba uJehova walufaka eBhayibhelini.—2 Thimothewu 3:16.

Manje kuthiwani ngoGenesise 4:7? Lapho uNkulunkulu waxwayisa uKayini: “Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na? Uma ungenzi kahle, isono [siyakucuthela] ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.” Njengoba kushiwo, lolulimi lubonakala luveza umfanekiso wesilo sasendle esilambile esicuthele ukubhozomela futhi sishwabadele inyamazane eyisisulu.

Nokho, ubufakazi obuseBhayibhelini bubhekisela ku-Adamu no-Eva njengababehlalisene ngokuthula nezilwane. Kungenzeka ukuthi ezinye zalezidalwa zazizizwa zikhululeke kakhudlwana lapho zinabantu, zizuza nokuzuza ngokuba seduze kwabo. Ezinye kwakuyizilo zasendle, izilwane ngokwemvelo ezazifuna indawo yokuhlala ekude nabantu. (Genesise 1:25, 30; 2:19) Nokho, iBhayibheli alisikiseli ukuthi noma yisiphi isilwane sasidla ezinye izilwane noma abantu. Ekuqaleni, uNkulunkulu walungiselela uhlaza ngokukhethekile njengokudla kwakho kokubili abantu nezilwane. (Genesise 1:29, 30; 7:14-16) Lokho akuzange kushintshe kwaze kwaba ngemva kukaZamcolo, njengoba uGenesise 9:2-5 ebonisa.

Khona-ke, kuthiwani ngesixwayiso sikaNkulunkulu kuKayini, njengoba sifunda kuGenesise 4:7? Ngokuqinisekile umfanekiso wesilo esinonya esicuthele ukubhozomela inyamazane eyisisulu wawuyoqondwa kalula ngosuku lukaMose, futhi nathi siyawuqonda. Ngakho, kungenzeka futhi ukuthi uMose wayesebenzisa ulimi olwalujwayelekile kubafundi bezwe langemva kukaZamcolo. Ngisho noma uKayini ayengakaze asibone isidalwa esinjalo, wayeyolithola iphuzu lesixwayiso esasifanisa isifiso sesono esikuye nesilo esinomphangazane.

Izici eziyinhloko okufanele zibe nethonya elikhulu kithi yilezi: Umusa kaNkulunkulu ekuxwayiseni uKayini, ukubaluleka kokwamukela iseluleko ngokuthobeka, indlela okulula ngayo ukuba umona wonakalise umuntu, nendlela okufanele sizithathe ngokungathi sína ngayo izixwayiso zaphezulu uNkulunkulu asinikeze zona emiBhalweni.—Eksodusi 18:20; UmShumayeli 12:12; Hezekeli 3:17-21; 1 Korinte 10:11; Heberu 12:11; Jakobe 1:14, 15; Juda 7, 11.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela