Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 1/15 k. 32
  • Kufana Nama-apula Egolide

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufana Nama-apula Egolide
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 1/15 k. 32

Kufana Nama-apula Egolide

AMA-APULA—yeka ukuthi ajabulisa kanjani kokubili emehlweni nasolwangeni! IBhayibheli lisebenzisa lesithelo esimnandi esifanisweni esishukumisa ingqondo lapho lithi: “Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso linjengama-apula [“egolide,” NW] asezitsheni zesiliva.” (IzAga 25:11) Asho ukuthini lamazwi?

“Ama-apula egolide asezitsheni zesiliva” angase abhekisele emsebenzini obaziweyo, njengoqwembe lwesiliva oluqoshiwe olunama-apula egolide kulo. Njengoba amavesi angaphambili kulesisahluko ekhuluma ngokuma phambi kwenkosi, lelivesi lingase libhekisele eziphweni ezinikezwa umbusi—imihlobiso yegolide enesimo sama-apula asezitsheni zesiliva. (IzAga 25:6, 7) Ngempela, zinhle ngendlela ehlaba umxhwele!

Kunobuhle obufanayo emazwini afanele, anesizotha, nashiwo ngesikhathi, kungakhathaliseki ukuthi abhalwe phansi noma akhulunyiwe. Ayajabulisa, ayakhuthaza, futhi azuzisa ngezindlela eziningi. Ikakhulukazi amazwi aseBhayibhelini aphefumlelwe ngokwaphezulu ‘anjengama-apula amahle egolide asezitsheni zesiliva.’

Njengoba isaga seNkosi ehlakaniphile uSolomoni sabonisa kuzAga 25:11, ‘yafuna ukuthola amazwi enamisayo afanele ukulotshwa, namazwi eqiniso.’ (UmShumayeli 12:10; IzAga 25:1) Emakhulwini eminyaka kamuva, umphostoli uPawulu ongumKristu wabhala: “Yonke imiBhalo iphefumlelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.” (2 Thimothewu 3:16, NW) Yebo, iBhayibheli linezeluleko ezizuzisayo, iziprofetho, imifanekiso, namaqiniso amahle kangangokuba ayidlula kude lé imisebenzi yochwepheshe abaphambili. Ngaphezu kwalokho, noma ubani othola ukuhlakanipha okuvela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, uthola impahla engenakulinganiswa futhi angaba nethemba lokuphila okuphakade.—IzAga 4:7-9; Johane 17:3.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela