Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 1/1 k. 32
  • Ingabe Bangakuzuzisa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bangakuzuzisa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 1/1 k. 32

Ingabe Bangakuzuzisa?

LOMAGAZINI owuphethe uhlelelwe ukuba ube umthombo wesikhuthazo, ukhumbuza ngeziqondiso zeBhayibheli zokuqinisa imikhaya nokulondoloza ubuqotho bomuntu siqu. Ubonisa ukuthi izikhathi zanamuhla ezinezinkinga zabikezelwa eBhayibhelini, futhi uqokomisa ikhambi—uhulumeni woMbuso kaNkulunkulu. Ingabe ungazuza kumagazini INqabayokulinda nomngane wayo i-Phaphama!?

EPhilippines owesifazane okuthiwa uVilma wabhala: “Uma kukhona noma yiliphi igama lokuchaza izincwadi zenu, ngicabanga ukuthi bengiyokhetha elithi ‘ziyamangalisa.’ Ngabona futhi ngafunda ngokokuqala ngqá i-Phaphama! yenu ne-Nqabayokulinda lapho ngisebhasini ngiphindela ekhaya ngivela eManila. Ngokuvamile ngiphatha amaphephandaba lapho ngisohambweni, kodwa kulokhu awekho engawathatha.

“Eduze kwami kuloluhambo kwakuhlezi indoda esiqinile eyayinezincwadi zenu. Ngemva kokufunda i-Phaphama!, yakhipha omunye umagazini, INqabayokulinda. Ngabamba lelothuba ngaboleka i-Phaphama! Eqinisweni, ngakujabulela ngempela ukufunda labomagazini ngoba zonke izihloko zazithakazelisa, zifike ngesikhathi, futhi zikhuthaza.”

Lowesifazane waphetha: “Ngikufuna ngempela ukuthola omagazini benu. Sizani ningazise indlela engingabathola ngayo.” Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova ePhilippines lakujabulela ukwenzela lowesifazane umusa ngokumfaka ohlwini lwalo lwabathunyelelwa izikhokhelo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela