Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukuqina Kuletha Imivuzo Ecebile
UJESU wabikezela ukuthi abalandeli bakhe babeyoshushiswa, ngokufanayo nomphostoli uPawulu, njengoba kuphawulwe kweyesi-2 Thimothewu 3:12: “Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.” Kodwa ukuqina ekukhonzeni uJehova uNkulunkulu kuletha imivuzo ecebile.
◻ Lokhu kwakuyiqiniso edolobheni elisenyakatho-mpumalanga yogu lwaseMalaysia. Nakuba ayengumBuddha oshisekayo owayeqinile ekufundiseni abantwana bakhe, ubaba akakwazanga ukuvimbela amadodakazi akhe amathathu namadodana akhe amathathu ekutadisheni iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngisho nomkakhe wabonisa isithakazelo eqinisweni. Khona-ke ngolunye usuku umakhelwane wamhleka: “Ungahluleka kanjani ukuqondisa abantwana bakho futhi ubavumele babe oFakazi BakaJehova? Bonke abantwana bami babambelele kimi nasenkolweni yobuBuddha yawokhokho bethu. Uyadabukisa!”
Ubaba waphuthuma ekhaya esongela ukushaya udade owayeqhubela abantwana bakhe izifundo. Nokho, abantwana bamthobisa futhi baqhubeka betadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova beya nasemihlanganweni besekelwa unina.
Nokho, ekugcineni ubaba wabizela wonke umkhaya wakhe phambi kwakhe. “Khethani,” ephoqelela, “phakathi kwami futhi nihlale ekhaya nokuba amaKristu futhi nishiye ikhaya.” Indodana endala, umfana onomoya ophansi, ngokushesha waqala ukupakisha ukuze ahambe. “Hhayi!” kumemeza ubaba. “Njengoba nonke ningabantwana abavukelayo, kungcono ukuba ngife.” Khona-ke waphumela ngaphandle kwendlu egijima, elandelwa umkhaya, owamncenga ukuba angazibulali. Ehlatshwe umxhwele ukunxusa kwawo, waphindela ekhaya.
Kwadlula isikhathi esithile. Ubaba waqala ukuphawula ithonya elihle leqiniso leBhayibheli ekuziphatheni kwabantwana bakhe. Ngolunye usuku wahlangana nomngane wakhe owayemhleka, nokho owayesengumuntu odumele, owathi: “Ngidumazeke kakhulu ngabantwana bami. Bayangikhohlisa futhi bangebele.” Kodwa ubaba abantwana bakhe ababetadisha noFakazi BakaJehova wathi: “Oh, abantwana bami bahlukile! Bangibonisa umusa futhi baye ngisho bangisiza ukuba ngikhokhe isikweleti semoto yami lapho ngingasebenzi.”
Namuhla, amadodakazi amathathu nomama babhapathiziwe. Indodana eyodwa iyiphayona elikhethekile. Futhi kuthiwani ngobaba owayeshiseka futhi enolaka? Manje usenobungane futhi useye waba khona eSikhumbuzweni.
UJehova uye wavuza lendodana nodadewabo abathathu kanye nonina ngokuqina kwabo kuYe. Manje bangabamemezeli boMbuso abashisekayo, abenza inhliziyo kaJehova ijabule.—IzAga 27:11.