Ingabe Intukuthelo Noma Impilo Yami?
UBANI ongathukutheli? Sonke siyathukuthela. Ngezinye izikhathi ukuthukuthela okusezingeni elithile kungathetheleleka. Kodwa, ngempela, akulona yini iqiniso ukuthi ngokuvamile ukuthukuthela kwethu (noma ukujula kwakho) akunakuthetheleleka?
IBhayibheli lisitshela ukuthi: “Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje.” (IHubo 37:8) Sihlakaniphe kangakanani iseluleko esinjalo? Ingabe singayithinta impilo yakho yesikhathi eside?
Engxenyeni yayo ethi “Impilo,” i-New York Times yaphawula:
“Abantu abavame ukuqhuma basakazeke ukuthukuthela noma abahlala bebhevile ngenxa yokweyiswa okuncane kungase kwenzeke ukuthi benza okungaphezu kokuzenza bangathandeki. Kungenzeka ukuthi bayazibulala.
“Muva nje abacwaningi baye baqoqa inqwaba yokwaziswa okusikisela ukuthi intukuthelo engapheli iyingozi kakhulu emzimbeni kangangokuthi isezingeni elifanayo, noma iyakwedlula ngisho nokukwedlula, ukubhema ugwayi, ukukhuluphala ngokweqile nokudla okunamafutha amaningi njengesici esinamandla esibangela ukuba umuntu asheshe afe.
“‘Ukuhlola kwethu kubonisa ukuthi intukuthelo yonya, engabazisayo isezingeni elifanayo nezinye izinto esizaziyo eziyingozi empilweni,’ kusho uDkt. Redford Williams, ocwaninga ngokusebenza kwemithi eDuke University Medical Center.”
Ukuhlola kubonisa ukuthi labo abasabela ngokweqile ezinkingeni ezivamile zokuphila kwansuku zonke bakhiqiza ama-hormone amaningi okucindezeleka. Ukufutheka kwabo kwasikhathi sonke kungabangela ukungalingani phakathi kwezinhlobo ze-cholesterol ezivikelayo neziyingozi, kubabeke engozini yokuthola isifo semithambo yegazi yenhliziyo.
Abanye bangase baphendule ngokuthi, ‘Kodwa umthetho wami nginjalo’ noma, ‘Ngakhula nginjalo.’ Noma kunjalo, lokho akusho ukuthi ngeke ushintshe, ngokuzama ngobuqotho ukusebenzisa iseluleko sikaNkulunkulu. EBhayibhelini lakho siqu, hlola iseluleko sakhe esiphathelene nentukuthelo nolaka esilotshwe encwadini yezAga 14:29, 30; 22:24, 25; Efesu 4:26; Jakobe 1:19, 20.
Ukusebenzisa lokho kuhlakanipha kwaphezulu kungase kuyithuthukise impilo yakho futhi kunwebe isikhathi sokuphila kwakho. I-Times yaphawula: “Abacwaningi abaningi bathi abantu abayizififane bangase bayinciphise ingozi yokushesha bafe ngokuthi bashintshe indlela abasabela ngayo ngokuhluthuka nangonya.”