Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w93 12/1 k. 32
  • Igama LikaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Igama LikaNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
w93 12/1 k. 32

Igama LikaNkulunkulu

“Uma uJehova ngokwakhe engayakhi indlu, abayakhayo bazikhandlela ize.” Ufundeka kanjalo lombhalo wesiLatini. Lamazwi asekelwe kumaHubo 127:1 eBhayibhelini, futhi aqukethe iqiniso elijulile: Noma yimuphi umzamo ongenaso isibusiso sikaJehova uyoba yize ekugcineni.

Lombhalo, owalotshwa ngo-1780, utholakala esakhiweni esithile eColombo, eSri Lanka, futhi uyaphawuleka ngoba unegama likaNkulunkulu, elithi Jehova. (Bheka isithombe.) Emakhulwini eminyaka ngaphambili lelogama lalisetshenziswa kabanzi. Ngokuvamile lalilotshwa ezakhiweni zezwe, emasontweni, ngisho nasezinhlamvwini zemali. Izithunywa zevangeli zasebenzisa igama likaNkulunkulu lapho ziyisa iBhayibheli emazweni akude, ngokungangabazeki okuyisizathu sokuba khona kwalombhalo eSri Lanka.

Yeka indlela izinto ezishintshe ngayo namuhla! Bambalwa abathi bangamaKristu abalikhathalelayo igama likaNkulunkulu. Ezinye izazi zize zigxeke ngisho noFakazi BakaJehova ngenxa yokuligcizelela. Kungani? Ngokwalokho abanye abakushoyo, kungenxa yokuthi ukuphinyiselwa kwalo kwesiHeberu akwaziwa ngokuqondile. Kodwa bangaki abazi ukuphinyiselwa kwasekuqaleni kwegama likaJesu ngesiHeberu? Nokho, igama lakhe lisetshenziswa futhi lihlonishwa emhlabeni wonke.

KuJesu, igama likaNkulunkulu lalibaluleke kakhulu. Wasifundisa ukuba sithandaze: “Malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Futhi ngaphambi nje kokufa kwakhe, wathi kuNkulunkulu: “Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphé bona kwabasezweni.” (Johane 17:6) AmaKristu eqiniso angabalandeli bezinyathelo zikaJesu. Ingabe akufanele yini ukuba nawo ‘abonakalise igama likaNkulunkulu’? OFakazi BakaJehova benza lokho, futhi uJehova uyibusisa ngokucebile “indlu” yabo. Ngokuphathelene nabo lelihubo liyiqiniso: “Babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova.”—IHubo 144:15.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela