Njengomuthi
“IZINKONDLO zenziwa iziwula ezinjengami, kodwa uNkulunkulu kuphela ongenza umuthi.” Ebabaza izimfanelo eziningi ezitusekayo zemithi, umbhali wezinkondlo uJoyce Kilmer wadumisa uNkulunkulu ngokudalwa kwayo.
UJehova uNkulunkulu wenza imithi ehlukahlukene emihle, newusizo kakhulu. Imithi emincane nemikhulukazi ngokufanayo, ingaba mihle ngendlela engenakuchazwa. Ngaphezu kwalokho, imithi inikeza ukudla, okokubasa, nendawo yokukhosela. Futhi abaklami bayaqhubeka bethola izindlela ezintsha zokusebenzisa ukhuni.
EBhayibhelini, imithi ngezinye izikhathi isetshenziswa ngokomfanekiso ukuze imelele imibuso, ababusi, nabantu. (Hezekeli 31:1-18; Daniyeli 4:10-26) Kuyakhulunywa ngemithi ngokuhlobene nezimo ezijabulisayo, ezinokuthula, nezichumayo eziwumphumela wobukhosi bukaJehova nokubuyiselwa kwabantu bakhe. (1 IziKronike 16:33; Isaya 55:12; Hezekeli 34:27; 36:30) ImiBhalo ibuye ithembise ukuthi izinsuku zabantu bakaNkulunkulu ziyokuba njengezomuthi. (Isaya 65:22) Lokhu kunencazelo ebanzi lapho sicabangela ukuthi eminye imithi iphila amakhulu amaningi eminyaka.
Umhubi weBhayibheli wathi umuntu othokoza ngomthetho kaNkulunkulu “unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba-nenhlanhla kukho.” Umuthi othelayo otshalwe ngasemthonjeni wamanzi amaningi wakhumbuza umhubi ngokuchuma okungokomoya okujatshulelwa yilowo “okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova.” (IHubo 1:1-3) Uma ngobuqotho uthokoza ngomthetho kaNkulunkulu neZwi Elingcwele, izinsuku zakho zingafana nezomuthi. Eqinisweni, ngokwenza ngokuvumelana nolwazi oluqondile ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu, ungalondoloza ithemba lokuphila okuphakade.—Johane 17:3.