Isikhathi Sokuvuna!
KUNGANI umlando ‘wobuKristu’ ubulokhu ungenaso isimo sobuKristu? Abantu abaningi abacabangayo babuza lombuzo, kodwa uJesu wawuphendula eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule ngomfanekiso. Walandisa ‘ngomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe.’ Kamuva, “isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele.” Lapho imbewu isihlumile, izisebenzi zabona ukhula futhi zafuna ukulusiphula. Kodwa lomuntu wathi: “Yekani kukhule kokubili ndawonye.” Ngesikhathi sokuvuna, amabele ayohlukaniswa nokhula.—Mathewu 13:24-30.
Echaza lomfanekiso, uJesu wathi yena uqobo nguye owayetshale “imbewu enhle”—amaKristu eqiniso. Isitha kwakunguSathane, owatshala “ukhula”—engenisa amaKristu okuzisholo ebandleni. UJesu wakuvumela ukuba amaKristu amanga naweqiniso abe ndawonye—kodwa kuze kube sekuvuneni kuphela. Kamuva ayeyohlukaniswa.—Mathewu 24:36-44.
Ngakho, asimangali lapho sithola ukuthi izinhlangano “zobuKristu” ziye zahlambalaza uNkulunkulu phakathi nawo wonke amakhulu eminyaka ngokwamukela izimfundiso zobuqaba, ukuthethelela ukuziphatha okubi, ukusekela izimpi zokunqoba, nokuqula amacala ezihlubuki ngonya. Kulokhu sibona imbewu embi eyatshalwa uSathane. Nokho, lapho sifunda ngabantu ababoshwa noma bafa kunokuba balahle izimiso zeBhayibheli, siyabona ukuthi imbewu enhle ayizange ibulawe.
UJesu wathi ukuvuna ‘kwakungukuphela kwezwe.’ Njengoba siphila esiphelweni salesimiso sezinto sezwe samanje, lesi kumelwe kube isikhathi sokuvuna! Ngakho kumelwe ukuba ukuhlukaniswa kwamaKristu eqiniso nawamanga sekwenzekile. Namuhla, kumelwe kube nabantu, hhayi nje abantu abahlakazekile, abafanelana nencazelo kaJesu yamaKristu eqiniso—abazithobayo eMbusweni kaNkulunkulu nabashumayela izindaba ezinhle ngawo, abathuthukisa ukuziphatha okusekelwe eBhayibhelini nabenqaba izimfundiso zobuqaba besekela iqiniso leBhayibheli, ababonakalisa igama likaNkulunkulu futhi abangeyona ingxenye yezwe.—Mathewu 6:33; 24:14; Johane 3:20; 8:32; 17:6, 16.
Siyakuqinisekisa, bakhona abantu abanjalo! Ingabe uyafisa ukukhonza uNkulunkulu ngokwamukelekayo? Khona-ke bafune lababantu, futhi ukhonze uNkulunkulu kanye nabo.