Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w93 10/1 k. 32
  • Ingabe Wake Wawokhela Umlilo Wequbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Wake Wawokhela Umlilo Wequbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
w93 10/1 k. 32

Ingabe Wake Wawokhela Umlilo Wequbula?

UTHI CHA. Kodwa ake ume! Mhlawumbe wake wawokhela. Lalela amazwi omfundi uJakobe: ‘Ulimi; luyisitho esincane‚ kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthela ihlathi elingaka.’—Jakobe 3:5.

Ulimi luyisitho esibalulekile sokukhuluma, kodwa yeka indlela oluye lwasetshenziswa kabi ngayo! Abantu basebenzisa ulimi ukuze baqambe amanga futhi banyundele. Bagxeka ngalo abanye ngonya, bonakalise idumela labo, futhi babakhohlise. Abaphehli bodweshu balusebenzisela ukuthuthukisa izinguquko. U-Adolf Hitler wasebenzisa olwakhe ukuze enze isizwe sivivele impi—‘umlilo wequbula’ ngempela!

Ngisho nalabo abanezisuza ezinhle bangokhela ‘umlilo wequbula’ omncane. Ingabe wake washo into ethile kwase kuthi ngokushesha kamuva wafisa sengathi ngabe awuyishongo? Uma kunjalo, uyaqonda ukuthi uJakobe wayesho ukuthini uma ethi: “Ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa.”—Jakobe 3:8.

Nokho, singazama ukulusebenzisa kahle ulimi lwethu. Njengomhubi, singasho ngokuzimisela ukuthi: “Ngizakulinda izindlela zami ukuba ngingoni ngolimi lwami.” (IHubo 39:1) Kunokuba sigxeke abanye ngonya, singazama ukubakha. Kunokuba sinyundele abantu, singakhuluma kahle ngabo. Kunokuba sikhwabanise futhi sikhohlise, singakhuluma iqiniso futhi sifundise. Lapho lushukunyiswa inhliziyo enhle, ulimi lungakhuluma amazwi amangalisayo okwelapha. UJesu wasebenzisa ulimi lwakhe ngendlela emangalisayo ukuze afundise isintu ngensindiso.

Yiqiniso, “ukufa nokuphila kusemandleni olimi.” (IzAga 18:21) Ingabe ulimi lwakho luyabulala noma luyaphilisa? Ingabe lokhela ‘umlilo wequbula’ noma luyawucisha? Umhubi wathandaza kuNkulunkulu wathi: “Ulimi lwami malukhulume izwi lakho, ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile.” (IHubo 119:172) Uma sihlakulela isimo sengqondo somhubi, nathi siyolusebenzisa kahle ulimi lwethu.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

U.S. Forest Service photo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela