Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w93 9/15 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Gcina ‘Ithemba Lakho Lensindiso’ Ligqamile!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Ingabe Uyosabela Othandweni LukaJesu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Lolu Usuku Lwensindiso!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-45—KwabaseRoma
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
w93 9/15 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

KweyabaseRoma 9:3, umphostoli uPawulu wabhala: “Ngingafisa ukuba mina uqobo ngibe-ngoqalekisiweyo kuKristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokwenyama.” Ingabe wayesho ukuthi wayeyonikela ukuphila kwakhe ukuze asindise amaJuda akubo?

UJesu wabeka isibonelo sothando esingenakuqhathaniswa. Wayezimisele ukudela umphefumulo, noma ukuphila kwakhe, ngenxa yesintu esinesono. Phakathi nenkonzo yakhe yasobala, wazikhandla ngenxa yabantu bezwe lakubo—amaJuda—ukuze abaningi ngangokunokwenzeka babe phakathi kwalabo ababeyozuza emhlatshelweni wakhe wesihlengo. (Marku 6:30-34) Ukungasabeli kwabo nokuphikisa isigijimi sensindiso akuzange nanini kunciphise ukukhathalela kukaJesu kothando abantu abangamaJuda. (Mathewu 23:37) Futhi wasishiyela ‘isibonelo sokuba silandele ezinyathelweni zakhe.’—1 Petru 2:21.

Ingabe kungenzeka ukuba isintu esingaphelele silandele isibonelo sikaJesu sothando? Yebo, futhi umphostoli uPawulu uyisibonelo salokhu. Wayebakhathalela kakhulu abantu bakubo abangamaJuda kangangokuba, ngenxa yothando ngabo, wathi wayefisa ukuba yena uqobo abe ‘ngoqalekisiweyo kuKristu’ ngenxa yabo.

UPawulu lapho wasebenzisa ihaba, noma inkulumo eyeqisayo, ukuze acacise iphuzu lakhe. UJesu wasebenzisa inkulumo efanayo eyeqisayo kuMathewu 5:18, lapho athi khona: “Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula-gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.” UJesu wayazi ukuthi izulu nomhlaba ngeke kudlule. Ngokufanayo uPawulu wayengeke abe ngoqalekisiweyo, futhi akuwona wonke amaJuda ayeyokwamukela ubuKristu. Kodwa iphuzu likaPawulu laliwukuthi wayeyokwenza noma yini ukuze asize amaJuda ukuba azenze atholakalele indlela kaNkulunkulu yensindiso ngoJesu Kristu. Kungakho umphostoli akhuthaza amaKristu ayekanye nawo: “Yibani ngabalingisi bami, njengoba nami ngilingisa uKristu”!—1 Korinte 11:1.

Namuhla, amaKristu kufanele akhathalele abantu abangakholwa ngendlela uJesu noPawulu ababebakhathalela ngayo. Akufanele nanini sivumele ukungabi nesithakazelo noma ukuphikisa okuqondile kwabantu ensimini esifakaza kuyo kunciphise uthando lwethu ngomakhelwane bethu nentshiseko yethu yokubasiza ukuba bafunde indlela yensindiso.—Mathewu 22:39.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela