Ingabe Yamgwinya UJona?
IBHAYIBHELI lisitshela ukuthi uJona, umprofethi kaJehova ekhulwini lesishiyagalolunye B.C.E., ebalekela isabelo, wagibela umkhumbi. Phakathi naloluhambo olunesiphepho eMedithera, amatilosi amphonsa olwandle uJona. “UJehova wamisela inhlanzi enkulu ukuba imgwinye uJona; uJona wayesezibilinini zenhlanzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.”—Jona 1:3-17.
Abanye bathi, ‘Akunakwenzeka! Asikho isilwane olwandle esingagwinya umuntu.’ Kodwa umkhomo noma ushaka omkhulu omhlophe ungamgwinya. Muva nje, i-National Geographic (December 1992) yachaza omunye ongakwenza lokhu—ushaka ongumkhomo. Ushaka omkhulu kunabo bonke kwabaziwayo, ungakhula ube amamitha angu-20 ubude futhi ube nesisindo esingamathani angu-70.
“Indlela yokugaya ukudla engavamile yaloshaka ongumkhomo izihlobanisa ngokwayo nezindaba zikaJona. Kulula ukuzicabanga ngokwakho ugwinywa ngokungalindelekile umlomo kashaka ongumkhomo, omkhulukazi . . . Ngisho nomlomo onwebekayo kashaka omncane ungangenisa kalula oJona ababili.”
Ushaka ongumkhomo udla ama-plankton nokudla okuyinhloko kwemikhomo (krill), “okwehla ngomminzo kuyongena egunjini elikhulu futhi elinwebekayo eliyingxenye engenhla yesisu.” Kodwa-ke, umuntu angaphuma kanjani? I-National Geographic ithi: “Oshaka banendlela engenabo ubudlova yokukhipha izinto ezinkulu okungabazekayo ukuthi zingagayeka uma bezigwinyile . . . Ushaka angathulula kancane kancane ingxenye yawo engenhla yesisu ngokuyikhama kusukela ngaphakathi kuya ngasemlonyeni. . . . Ngakho-ke, umuntu angaphuma ehuhuluza kukhaphethe ombozwe yitheketheke, oshelelayo kodwa mhlawumbe efunde okuthile kulokhu okuhlangenwe nakho.”
Namuhla oshaka abayimikhomo abatholakali eMedithera, nakuba beye batholakala enyakatho ekude njengaseDolobheni laseNew York. Ingabe babekhona eMedithera ngesikhathi sikaJona? Ubani owaziyo? IBhayibheli alisho ngokuqondile ukuthi hlobo luni lwesilwane sasolwandle uJehova asisebenzisa, kodwa uJesu ngokwakhe waqinisekisa ukuthi lokhu kulandisa ngoJona kuyiqiniso.—Mathewu 12:39, 40.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Norbert Wu/Peter Arnold Inc.