Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w93 8/1 k. 32
  • Ukufuna Amagugu Afihliweyo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufuna Amagugu Afihliweyo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
w93 8/1 k. 32

Ukufuna Amagugu Afihliweyo

NGONYAKA ka-1848 igolide latholakala esizeni sakwaSutter sendlu yoMshini wokusaha amapulangwe eCalifornia, e-U.S.A. Ngo-1849 izinkulungwane zazithutheleka kulendawo zinethemba lokuthi zizoceba ngokushesha, ngaleyondlela kwakuwukuqala kokuthuthekela ezizeni ezintsha zegolide okukhulu kunakho konke emlandweni wase-United States. Esikhathini esingangonyaka, isikhumulo semikhumbi esiseduze, iSan Francisco, sakhula sisuka ekubeni idolobhana saba idolobha elikhulu labantu abangu-25 000. Ithemba lokunotha ngokushesha labonakala liheha kakhulu.

Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni yayiyazi indlela abantu abawamba ngayo ngokuzikhandla amagugu afihliweyo, futhi yabhekisela kukho lapho ibhala: “Yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.”—IzAga 2:3-5.

Ungenza izinto eziningi ngegolide nangesiliva, kodwa ungenza okuningi kakhulu ngokuqonda nangokuhlakanipha. Lokhu kungakusiza ukuba wenze izinqumo eziqondile, uxazulule izinkinga, uphumelele emshadweni, futhi uthole injabulo. (IzAga 2:11, 12) Ngokufanayo, ulwazi lweqiniso nokuhlakanipha kungakusiza ukuba wazi uMdali wakho, uqonde izinjongo zakhe, umlalele futhi umjabulise. Igolide ngeke likunikeze nokukodwa kwalezizinto.

Lamazwi eBhayibheli ayiqiniso: “Ukuhlakanipha kungumthunzi njengoba nemali ingumthunzi, kodwa inzuzo yokuhlakanipha yile: ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.” (UmShumayeli 7:12, New International Version) Nakuba abaningi becabanga ngokuceba ngokushesha, yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kangakanani ukuvula iBhayibheli bese umba ukuhlakanipha, nokuqonda, nolwazi, lokho okuyingcebo yeqiniso.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela