Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w93 8/1 k. 3
  • “Asixoxi Nje!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Asixoxi Nje!”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngaphambi Nangemva Kokufunda IZwi LikaNkulunkulu—Izimiso ZeBhayibheli Zamshintsha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • ‘Wakhumbula UMdali Wakhe Ezinsukwini Zobusha Bakhe’
    I-Phaphama!—1994
  • Ingubani Ingelosi Eyinhloko UMikayeli?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • ‘UMikayeli Isikhulu’—Ungubani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
w93 8/1 k. 3

“Asixoxi Nje!”

UMICHAEL, ummeli, kwakudingeka abe isikhulumi esinamandla. Umsebenzi wakhe wawufuna abe njalo. Kodwa ngemva kokuba eneminyaka engu-16 eshadile, uMichael waphoqeleka ukuba aqaphele ukuthi lapho efika ekhaya kumkakhe, u-Adrian, amakhono akhe okukhulumisana ayebonakala eshabalala. “Ukugxeka, ukucasulana, ukugigiyela,” kukhumbula uMichael, “mina no-Adrian sasihlala sixabana, futhi ngangicabanga ukuthi kwakuyovele kusikhathaze. Ngangizibuza ukuthi kwakuwumshado yini lowo, ukuhlala sijikijelana ngamazwi okunganeliseki nawokucasulana. Uma lokho kwakuyoqhubeka sonke isikhathi sokuphila kwethu sindawonye, ngangifuna ukuhoxa—angidlali. Ngangingeke ngiyimele iminyaka engu-20, 30, nengu-40 yalolohlobo lokucasulana nokungezwani okungapheli.”

Imicabango efana nalena ayihluphi nje kuphela uMichael no-Adrian. Ikhona emibhangqanweni eminingi enobuhlobo obushintshashintsha phakathi kokulwa nokungalwi. Izingxoxo ezingasho lutho ziqubuka zibe yimpi yokulwa ngamazwi. “Bezwa” izinto ezingashiwongo. Basho izinto abangaqondile ukuzisho. Bayahlaselana babekane icala, bese bedubela ekuthuleni okugcwele intukuthelo. Abahlukani, kodwa futhi ‘abanyamanye’ ngempela. (Genesise 2:24) Ubuhlobo bufile. Ukuhlehlela emuva kungasho ukwehlukana; ukuya phambili kungasho ukubhekana nokungezwani kwabo ngokuqondile. Ukuze igweme imiphumela yanoma yikuphi kwalokhu, lemibhangqwana incamela ukuqhelelana ngokwemizwelo.

Imibhangqwana enjalo idinga ‘ukuthola isiqondiso esihlakaniphile’ emishadweni yayo. (IzAga 1:5, NW) Lesiqondiso siyatholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Incwadi yesibili kaPawulu eya kuThimothewu iqinisekisa ukuthi iBhayibheli ‘lilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa.’ (2 Thimothewu 3:16) Lokhu kubonakala kuyiqiniso ekubuyiseleni ukukhulumisana emshadweni, njengoba sizobona.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela