Ingabe Ungalethemba IBhayibheli?
UMA uthatha iBhayibheli, ingabe ubungalindela ukuthola uhlamvu lwemali? Kuthiwani ngaloluhlamvu lwemali yasendulo yesiliva?
Abaningi bacabanga ngeBhayibheli njengencwadi endala ekhuluma ngezindaba eziyinqaba nangokuziphatha okufiselekayo. Nakuba kunjalo, abakukholelwa ukuthi ukulandisa kweBhayibheli kungumlando oyiqiniso, ngakho bayakwenqaba ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu. Nokho, kunobufakazi obuningi bokunemba kweBhayibheli. Loluhlamvu lwemali (isithombe esikhulisiwe) luyisibonelo esihle. Uthini lombhalo?
Loluhlamvu lwemali lwenziwa eTarsu, idolobha elisengxenyeni engaseningizimu-mpumalanga yalokho namuhla okuthiwa iTurkey. Loluhlamvu lwenziwa ngesikhathi sokubusa kombusi wasePheresiya uMazaeus ngekhulu lesine B.C.E. Lumbonakalisa njengombusi wesifunda ‘esingaphesheya koMfula,’ okungukuthi, uMfula i-Ewufrathe.
Kodwa kungani leyonkulumo ithakazelisa? Kungenxa yokuthi uyothola isiqu esifanayo eBhayibhelini lakho. Incwadi ka-Ezra 5:6–6:13 iveza ukuvumelana phakathi kwenkosi yasePheresiya uDariyu nombusi okuthiwa uThathenayi. Impikiswano eyayihilelekile eyokwakha kabusha kwamaJuda ithempeli lawo eJerusalema. U-Ezra wayengumkopishi onekhono woMthetho kaNkulunkulu, futhi ungalindela ukuba ashaye emhloleni, abe ngonembile kulokho akubhala. Uyobona ku-Ezra 5:6 no-6:13 ukuthi wabiza uThathenayi ngokuthi “umbusi waphesheya koMfula.”
U-Ezra wakubhala lokho cishe ngo-460 B.C.E., eminyakeni engaba yikhulu ngaphambi kokwenziwa kwaloluhlamvu lwemali. Nokho, abanye abantu bangase babe nomuzwa wokuthi isiqu somuntu wasendulo oyisikhulu siyinto encane. Kodwa uma ungathembela kuba lobi beBhayibheli ngisho nasezintweni ezincane kanjalo, ingabe lokho akufanele kwandise ukuthembela kwakho kokunye abakubhala?
Ezihlokweni zokuqala ezimbili zalomagazini, uzothola izizathu ezengeziwe zokuba nokwethemba okunjalo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Collection of Israel Dept. of Antiquities Exhibited & photographed Israel Museum