Kungani Kumelwe ‘Siye Entuthwaneni’?
INKOSI ehlakaniphile yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni, yanikeza leseluleko: “Yana entuthwaneni.” Kungani yasho lokhu? Yini esingayifunda ezintuthwaneni?
USolomoni wanezela: “Ubone izindlela zayo, uhlakaniphe, yona ethi ingenamahluleli, nambonisi, nambusi, ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo, ibuthe ngesikhathi sokuvuna ukudla kwayo.” (IzAga 6:6-8) Lawomazwi asendulo aveza amaqiniso atholwe yizazi zezinto zemvelo zosuku lwanamuhla.
Umbhali wezaga u-Aguri ubonisa ukuthi izintuthwane ‘zihlakaniphile ngokomzwelo wemvelo.’ (IzAga 30:24, 25, qhathanisa ne-NW.) Eqinisweni, ukuhlakanipha kwazo akubangelwa ukucabanga okukhaliphile kodwa kubangelwa umzwelo wemvelo uMdali awufaka kuzona. Ngokwesibonelo, ngenxa yalomzwelo wemvelo, izintuthwane ziqoqa ukudla kwazo ngesikhathi esifanele.
Izintuthwane zihleleke ngendlela emangalisayo. Zibambisana ngendlela ephawulekayo futhi ziyazikhathalela izisebenzi ezikanye nazo, zisiza izintuthwane ezilimele noma ezikhathele ukuba zibuyele emuva esidlekeni. Ziqhutshwa umzwelo wemvelo zilungiselela ikusasa futhi zenze konke ezingase zikwenze ukuze zifeze imisebenzi yazo.
Lenkambo yentuthwane engokwemvelo isho ukuthi abantu kufanele bahlele izinto kusengaphambili futhi bazikhandle. Lokhu kusebenza esikoleni, emsebenzini wokuziphilisa, nasemisebenzini engokomoya. Njengoba intuthwane izuza ekukhuthaleni kwayo, ngakho uNkulunkulu ufuna ukuba abantu “babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo.” (UmShumayeli 3:13, 22; 5:18) Njengezintuthwane ezimatasa, amaKristu eqiniso enza umsebenzi omuhle wosuku. ‘Enza ngamandla awo lokho izandla zawo ezikufumanayo ukukwenza,’ hhayi ngoba umphathi ewabeke iso, kodwa ngenxa yokwethembeka nangesifiso sokuba yizisebenzi ezikhuthele ezikhiqizayo.—UmShumayeli 9:10; qhathanisa nezAga 6:9-11; bheka noThithu 2:9, 10.
Ngempela, siyojabula uma ‘siya entuthwaneni’ futhi sisebenzise lokho esikufunda kuyo. Futhi siyojabula kakhulu uma senza intando kaJehova uNkulunkulu ngenkuthalo, njengoba yembulwe eBhayibhelini.