Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w93 5/15 k. 30
  • Gwema Umoya Wokuqhosha!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Gwema Umoya Wokuqhosha!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
w93 5/15 k. 30

Gwema Umoya Wokuqhosha!

Isaga seBhayibheli esihlakaniphile sithi: ‘Owenza [isango, NW] lakhe, ukuba liphakame ufuna ukubhujiswa.’ (IzAga 17:19) Yini engalungile ngesango eliphakeme? Futhi liyini iphuzu eliyinhloko lalesisaga?

EZIKHATHINI zasendulo abantu namaqembu ezigcwelegcwele ayehamba ngamahhashi kwakuvamile. Amakhaya angavikelwe ezweni elivulekile ayesengozini yokuhlaselwa abaphangi. Ukuze bavimbele ukwebiwa kwempahla yabo, abanye abaninikhaya babakha udonga olunesango elikhethekile. Udonga lwaluphakama, kodwa isango libe lifushane. Eqinisweni, amanye amasango ayengaphakeme ukwedlula imitha elilodwa—emafushane kakhulu ukuba ihhashi nomgibeli walo kungangena. Labo ababengawenzi abe mafushane amasango angenela emagcekeni abo babezifaka engozini yokuba amadoda agibele amahhashi angene ngaphakathi futhi aphange impahla yabo.

Emadolobheni amasango egceke ngokuvamile ayemafushane futhi engakhangi, enganikezi phawu lwengcebo eyayingase ibe ngaphakathi kwezakhiwo ezibiyelwe. Nokho, ePheresiya isango eliphakeme lalingolunye lwezimpawu zasebukhosini, ezinye izinceku ezazifaka engozini ngokuzama ukululingisa. Noma ubani owayenza isango eliphakeme emzini wakhe wayemema ukuphangwa ngenxa yokukhangisa kwakhe ngengcebo.

Kanjalo izAga 17:19 zibonisa ukuthi labo abenza isango labo liphakame bazibizela inhlekelele ngokuziphakamisa ngaphezu kwengcebo yabo yangempela. Lesisaga singabhekisela futhi emlonyeni njengesango eliphakanyiswa yinkulumo yokuqhosha neyokuzikhukhumeza. Inkulumo enjalo ibangela ingxabano futhi ekugcineni ingaholela umuntu oqhoshayo enhlekeleleni. Khona-ke, yeka ukuthi kuhlakaniphe kangakanani ukugwema umoya wokuqhosha!

[Umthombo Wesithombe ekhasini 30]

Picturesque Palestine, Sinai and Egypt, Volume 1, by Colonel Wilson (1881)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela