Ubungakukhokhela Malini Lokhu?
INGABE kukhona okuthile okwaziyo okuyigugu kangangokuthi ubungadela konke okungokwakho ngokuzithandela ukuze ukuthole? UJesu wayekwazi, futhi wakhuluma ngakho kubalandeli bakhe.
Wathi: “Umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele amahle; eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.”—Mathewu 13:45, 46.
Lowomthengi wayezimisele ukudela konke ukuze athole “iparele,” uMbuso kaNkulunkulu. Ngani? Ngoba akukho lutho kulelizwe ongaluqhathanisa nawo. UMbuso kaNkulunkulu uyoxazulula izinkinga umuntu angakwazanga ukuzixazulula, njengempi, indlala, ubugebengu, nokucindezelwa. (IHubo 72:4-8, 13, 14) Ngaphansi kwaloMbuso, ngisho nesono, izifo, nokufa ngeke kusaba khona. (IsAmbulo 21:4, 5) Kungakho isicelo sesibili eMthandazweni weNkosi (othi “Baba wethu”) sithi, “Mawufike umbuso wakho”!—Mathewu 6:9, 10.
Yini obungayikhokha ukuze uhlanganyele ezibusisweni zoMbuso? Eqinisweni, lezibusiso zitholakala ngesihle. Kodwa ukuze uzijabulele, kumelwe wazi ukuthi uyini loMbuso, ukholelwe ukuthi ungokoqobo, futhi uwunikeze indawo yokuqala ekuphileni kwakho. Ungakwenza lokho? Kukhona ukwaziswa eBhayibhelini okungakusiza. Kungani ungavumeli oFakazi BakaJehova ukuba bakusize ekufundeni ngoMbuso kaNkulunkulu nasekutholeni indlela ongakuzuzisa ngayo ngisho kwamanje.