Isenzakalo Esibaluleke Kunazo Zonke Emlandweni
Kungani kunjalo? Lesisenzakalo sasiwukufa kukaJesu Kristu.
Salwela ubukhosi bukaNkulunkulu futhi sabonisa ukuthi umuntu angabugcina ubuqotho obuphelele kuNkulunkulu. Savulela isintu amathemba okuzuza ukuphila okuphakade ezimweni zepharadesi. UJesu ngokwakhe wamisa isikhumbuzo sokufa kwakhe ngobusuku obabungaphambi kukuba afe.
Sasiwumkhosi ovamile. Phakathi nawo, uJesu watshela abafundi bakhe: “Yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” (Luka 22:19, 20) Ingabe uyokukhumbula? OFakazi BakaJehova bakumema ukuba uhlanganyele nabo ekugubheni lesenzakalo esibaluleke kunazo zonke emlandweni. Kulonyaka usuku luyoba ngoLwesibili, ngo-April 6, ngemva kokushona kwelanga.
Siza uye eHholo LoMbuso eliseduze nawe ukuze uthole isikhathi esiqondile nendawo. Akukho nkongozelo eyothathwa, futhi izivakashi zimenyelwa ukuba zizolalela inkulumo efundisayo futhi zibone indlela elula lomkhosi owenziwa ngayo.