Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w93 2/15 k. 7
  • Thokoza Ngomhlaba Ohlanzekile Oseduze!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Thokoza Ngomhlaba Ohlanzekile Oseduze!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IPharadesi Noma INdawo Yemfucumfucu—Yikuphi Okukhethayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ukukhipha Ukungcola Enhliziyweni Nasengqondweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • UJehova Uyabathanda Abantu Abahlanzekile
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
  • Inhlanzeko—Isho Ukuthini Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
w93 2/15 k. 7

Thokoza Ngomhlaba Ohlanzekile Oseduze!

YEKA indlela esingajabula ngayo ngokuthi uJehova, uNkulunkulu wokuhleleka nokuhlanzeka, uyogcwalisa injongo yakhe yasekuqaleni yokwenza umhlaba ube yipharadesi lembulunga yonke! (Isaya 11:6-9) Uyathembisa: “Izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela-ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo.” “UNkulunkulu angeqambe amanga,” ngakho lawa akuwona amazwi ayize.—Isaya 55:11; Heberu 6:18.

Singakhululeka ngokuthi uJehova ngothando uyongenela ngaphambi kokuba abantu bawonakalise kakhulu baze bafinyelele eqophelweni lapho bengeke besakwazi ukunqanda ukuwohloka okuphelele kobudlelwane phakathi kwezinto eziphilayo nendawo ezungezile!—IsAmbulo 11:18.

UJehova uyosusa abantu abangcolisa umhlaba ngamabomu, abangaphenduki nabantu abangazinaki izimiso zakhe zokuhleleka nokuhlanzeka ngomoya wokuvukela. Akukho-muntu oyovunyelwa ukuba onakalise iPharadesi elibuyiselwe.—IzAga 2:20-22.

Phakathi nokubusa koMbuso kaNkulunkulu, ngaphansi kokuqondisa kukaKristu Jesu, abantu bayofundiswa indlela yokuqeda noma yiziphi izimbangela ezisasele zokungcola okungokoqobo. Ngalesosikhathi—hhayi manje—kulapho lapho kuyoba okubalulekile ukuba zonke izinceku zikaNkulunkulu zihileleke ngokuqondile ezinyathelweni ezithathwa umuntu siqu nezihlanganyelwayo eziyoba nengxenye ekuhlanzweni kwembulunga yonke okungakaze kube khona.—Qhathanisa noHezekeli 39:8-16.

Abasindile ekupheleni kwesimiso sezinto esibi samanje bayosekela loluhlelo lokuhlanza okungokoqobo ngokuzinikela nangentshiseko efana naleyo abahlanganyela ngayo emkhankasweni wokuhlanza okungokomoya namuhla.—IHubo 110:3.

Umhlaba ohlanziwe uyeza nakanjani, wandulelwa umkhankaso wokuhlanza omkhulu kunayo yonke, ofezwa uMbuso kaNkulunkulu. Yonke imikhondo yokungcola iyosuswa. Ngeke isaba khona imidwebo ezindaweni zomphakathi. Ngeke esaba khona amabhodlela alahliwe, amathini, izikhwama zepulasitiki, intshungama namaphepha okusonga uswidi, amaphephandaba, nomagazini, okuyolahlwa kunoma yiluphi ugu lolwandle noma indawo eyipharadesi.

Thokoza ngomhlaba ohlanzekile oseduze!

[Isithombe ekhasini 7]

Ingabe uyohlanganyela ekuhlanzweni kwembulunga yonke okuzayo?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela