“Iminduze Yasendle”
UKUNGASEBENZI. Amanani akhulayo. Ubumpofu. Ukuwohloka kwezomnotho. kamazwi ayaqhubeka evela kaningi emaphephandabeni. Futhi abonisa ubunzima izigidi ezibhekana nabo njengoba zizama ukondla nokwembathisa imikhaya yazo nokuyitholela indawo yokufihla ikhanda.
Abakholwayo nabangakholwa bathinteka ngendlela efanayo. Kodwa abakholwayo abayekelelwe ekubhekaneni nalezozinkinga bebodwa. UJesu, ekhuluma nabantu abathobekile bekhulu lokuqala, wathi: “Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na?”—Mathewu 6:26.
UJesu futhi wathi: “Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi; kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle . . . akayikunembathisa kakhulu nina?”—Mathewu 6:28-30.
Ingabe lokhu kusho ukuthi umKristu akudingekile ukuba asebenze ukuze aziphilise? Lutho neze! UmKristu usebenza kanzima ngokudingekile ukuze akhokhele izindleko zakhe. Umphostoli uPawulu wathi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.” (2 Thesalonika 3:10) Nakuba kunjalo, umKristu uyakuqaphela ukukhathalela kukaNkulunkulu kothando futhi unokholo lokuthi uYise wasezulwini uyamnakekela. Ngakho, akakhutshwa izinkathazo zokuphila. Ngisho nangezikhathi ezinzima, wenza izinto eziza kuqala—izinto ezingokomoya—zize kuqala. Uyawakholelwa amazwi kaJesu: “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.”—Mathewu 6:33.