‘Ufakazi Othembekileyo Osemafwini’
KUSUKELA esikhathini eside ngaphambi kokuba umuntu wokuqala abe khona kulomhlaba, inyanga ibilokhu ikhanya ngokucacile esibhakabhakeni ebusuku. Ngesinye isikhathi abaningi babeyikhulekela njengonkulunkulukazi. Umbhali ongumGreki uPlutarch wathi inyanga iyindawo yokugcina imiphefumulo ehlanzekileyo eya kuyo ngemva kokufa. Ezinganekwaneni zase Baltic inyanga yayiyindoda, umyeni welanga. Baba nengxabano emshadweni wabo, futhi inyanga yambalekela umkayo, ingavamile ukuvela naye emazulwini!
Namuhla, izithandani—ezincane—nezindala zibuka inyanga phezulu bese zicabanga imicabango yothando. Eminyakeni yawo-1960 ososayensi bachitha izamba ezinkulu zemali ukuze bayise abantu enyangeni futhi babuye namakhilogremu ambalwa amadwala ukuze acwaningwe. Kunento eyodwa eqinisekile ngenyanga. Usuku ngalunye, ngesikhathi esihleliwe, iyaphuma futhi ishone. Ithembeke kakhulu emijikelezweni yayo emisiwe kangangokuthi singakwazi ukubala izimo zayo ezibonakalayo nokufiphala kwayo kweminyaka eyizinkulungwane edlule.
Lapho uIsrayeli ayebheka inyanga, wayekhunjuzwa ngokuthile okumangalisayo. UNkulunkulu waathembisa ukuthi uhlanga lobukhosi lweNkosi uDavide lwawungeke ludlule. Wathi: “[Inzalo kaDavide] iyakuma phakade njengenyanga nanjengofakazi othembekileyo osemafwini.” (IHubo 89:35-37) Lesithembiso sagcwaliseka kuJesu, ‘iNdodana kaDavide.’ (Luka 18:38) Ngemva kokufa kwakhe uJesu wavuswa engumoya ongafi futhi wenyukela ezulwini. (IzEnzo 2:34-36) Ngokuhamba kwesikhathi wamiswa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. (IsAmbulo 12:10) Lowo Mbuso usuyabusa manje futhi ‘uyakuma phakade.’ (Daniyeli 2:44) Ngalendlela uJesu, ummeleli ongenakufa wohlanga lukaDavide, uyohlala isikhathi eside njengenyanga, ‘ufakazi othembekileyo osemafwini.’
Ngakho, isikhathi ngasinye lapho ubona inyanga ikhanya ngokucacile esibhakabhakeni ebusuku, kumeklwe ukhumbule isithembiso sikaNkulunkulu kuDavide futhi ubonge ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu manje uyabusa futhi uyobusa kuze kube phakade, kube yinkazimulo kuNkulunkulu futhi kube isibusiso saphakade esintwini esithembekile.—IsAmbulo 11:15.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Frank Zullo