Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 12/15 k. 32
  • Ukubikezela Ikusasa Lomnotho Wezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubikezela Ikusasa Lomnotho Wezwe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 12/15 k. 32

Ukubikezela Ikusasa Lomnotho Wezwe

UKUNTENGANTENGA kwezimakethe zomnotho nokuntuleka kokuthembela kubahlaziyi abahluleka ukubikezela ukuwa kwemakethe yamasheya ngo-1987 kuye kwenza abanye osomabhizinisi ukuba baphendukele esayensini yezinkanyezi ukuze babikezele ikusasa labo elingokwezimali, kusho umagazini waseLondon iAccountancy Age. Lomagazini uphawula ukuthi “izazi zezinkanyezi ezibikezela ngesimo sezimali zithola uhlu oluhlaba umxhwele lwamakhasimende ahlonishwayo afuna izibikezelo ezinemininingwane zesimo sezimakethe.”

Omunye umhlaziyi uqhathanisa uchungechunge lwezenzakalo eziphindekayo azibona eminyakeni engu-30 yokwaziswa okungokwezimali kwansuku zonke nokunyakaza kwamaplanethi. Unikeza ukubikezela kwakhe okusekelwe kulokhu. Nakuba amakhasimende amaningi ayemanqikanqika ukulalela iseluleko sakhe ngaphambi kuka-1987, manje usethola ukuthi ngisho nezazi zemali ezintamo-lukhuni zizimisele ukulalela.

Esinye isazi sezinkanyezi ezibikezela ngesimo sezimali sidweba amashadi asekelwe ezinsukwini zokuzalwa ukuze sikwazi ukusho uhlobo umuntu ayilo nokufuna futhi “izici zokuhlela lokho okubonakala kuwukuthuthuka kwebhizinisi.” Nokho esinye sikholelwa ukuthi ukuntengantenga kwemakethe yesiliva kulandela umjikelezo wokuzungeza kwenyanga. Kodwa lapho siqhathaniswa nabahlaziyi bezimali abavamile, lesazi sezinkanyezi sithola ukuthi amakhasimende aso asinikeza “ithuba elincane kakhulu lokuba sibikezele ngokunganembile.”

Nokho, kukhona isibikezelo sezindaba ezingokwezimali esiyogcwaliseka ngokuqinisekile, futhi asihlangene nesayensi yezinkanyezi. Lesibikezelo silotshwe eBhayibhelini futhi siphefumlelwe uJehova, uNkulunkulu ongazinikezi “ithuba lokubikezela ngokunganembile.” UnguNkulunkulu “ongaqambi amanga.” (Thithu 1:2) Wenza umprofethi wakhe uHezekeli amemezele: “Bayakuphonsa isiliva labo ezitaladini, igolide labo libe yinto engcolileyo, isiliva labo negolide labo kungabi-namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo.”—Hezekeli 7:19.

Kuyoba nini lokhu? Phakathi ‘nosizi olukhulu’ oluzayo olwabikezelwa uJesu Kristu, uHezekeli alubiza ngokuthi ‘usuku lwentukuthelo kaJehova.’ (Mathewu 24:21; Hezekeli 7:19) Ukuchuma okungokwezimali ngeke kuqinisekise ukusinda, naphezu kwalokho izazi zezinkanyezi ezingase zikubikezele. Ukuthembela kuphela kuJehova uNkulunkulu, uMsindisi Omkhulu, okungaqinisekisa ukulondeka phakathi nalenxushunxushu yezwe lonke lapho konke ukonakala kuyosuswa khona—obungokwezombangazwe, obungokwezenkolo, nobezentengiselwano.—IzAga 3:5, 6; Zefaniya 2:3; 2 Petru 2:9.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela