Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 11/1 k. 32
  • Wazuza Umklomelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wazuza Umklomelo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 11/1 k. 32

Wazuza Umklomelo

“KUMELWE nginibonge kakhulu,” kubhala uKiyoe, osekilasini eliphambili esikoleni esiphakeme, ebhalela ihhovisi legatsha leWatch Tower Society eJapane. Yini lena abonga ngayo kangaka? Muva nje uKiyoe uzuze umklomelo omkhulukazi emncintiswaneni wezwe lonke wendaba elotshwayo, owawuxhaswe yiJapan Traffic Safety Association. Lomklomelo omuhle uhlanganisa nohambo oluya eSweden.

UKiyoe wabhala ukuze azwakalise ukwazisa kwakhe ngezincwadi eziningi ezinhle ezinyatheliswa yiWatch Tower Bible and Tract Society anomuzwa wokuthi zimsize kakhulu ukuba aphumelele. Ngaphandle kwalomncintiswano, uye wamelela isikole afunda kuso emincintiswaneni eminingi yenkulumo nendaba elotshwayo. Uthi, “kweminingi yalemincintiswano, kunikezwa isihloko, futhi abafundi benza ukucwaninga ngezindaba zabo emtatsheni wezincwadi. Nokho, mina akudingekile ukuba ngingene kuyo yonke leyonkathazo. Ngithola ukwaziswa okuhle eshalofini lezincwadi ekhaya!” Uyaqhubeka: “Kungakhathaliseki ukuthi isihloko sithini, kungaba izinkinga zokuguga, indawo ezungezile, ubudlelwano bezizwe zonke noma ukuzithuthukisa, ngokuvamile kuba nengxoxo ejulile komagazini beNqabayokulinda noma bePhaphama!”

Nokho, akuzona nje izincwadi ezasiza uKiyoe. Uthi imfundo ayamukela ngezinhlelo zokufundisa zoFakazi BakaJehova imsize ukuba athuthukise indlela yakhe yokufunda nokubhala, futhi lokhu kumenze wakwazi ukudla ubhedu kulemincintiswano. “Ngesinye isikhathi, ngangifuna ngempela ukuthola imfundo yaseyunivesithi,” uyavuma. “Kodwa ngangingakutholaphi ukuqeqeshwa okufana nalokhu?” Manje unethemba lokusebenza isikhathi esigcwele ekusizeni abanye ukuba bazuze emfundweni aye wayamukela. Nakuba ejabulile ngomklomelo wendaba elotshwayo, inhliziyo kaKiyoe igxile ekuzuzeni umklomelo wokuphila.—Qhathanisa nabaseFilipi 3:14.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela