Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 10/15 k. 32
  • Isiprofetho Siyagcwaliseka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isiprofetho Siyagcwaliseka
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 10/15 k. 32

Isiprofetho Siyagcwaliseka

LAPHO uKristu Jesu ecelwa abafundi bakhe isibonakaliso sokuba khona kwakhe okungabonakali emandleni oMbuso, uJesu wabikezela “ukwanda kokubi.” (Mathewu 24:3, 12) Ingabe lesiprofetho siyagcwaliseka osukwini lwethu?

Ngempela siyagcwaliseka! Incwadi ethi The United Nations and Crime Prevention, eyanyatheliswa yiUN ngo-October 1991, ithi: “Ubugebengu obungathi sína buyinkinga engathi sína ngokuvelele ngeningi lezizwe zomhlaba. Izizwe eziningi ngokwehlukana kwazo azisakwazi ukulawula ubugebengu obenzeka emazweni azo futhi ubugebengu obukuwo wonke amazwe buye banda beqela ngalé kwamandla omphakathi wezizwe zonke. . . . Ubugebengu bamaqembu ezigebengu ahleliwe buye banda ngezilinganiso ezishaqisayo, kwaba nemiphumela engathi sína ikakhulukazi yobudlova obungokoqobo, ukusongela nokonakala kwezisebenzi zikahulumeni. Ubuphekula buye bathatha ukuphila kwamashumi ezinkulungwane ezisulu ezingenacala. Ukuhweba okungemthetho ngezidakamizwa eziluthayo kobugovu kuye kwaba usizi lomhlaba wonke. Ukubhujiswa budedengu kwendawo ezungezile okwephula umthetho kuye kwafinyelela amazinga ashaqisayo kangangokuba kuye kwaqashelwa njengecala kuwo umhlaba ngokwawo.”

Amacala Okuhlasela: Aye anda kusukela ekuhlaselweni kwabantu abangu-150 kubantu abangu-100 000 ngo-1970 kuya emacaleni cishe angu-400 kubantu abangu-100 000 ngo-1990.

Amacala Okweba: Aye anda kusukela emacaleni angaphezu nje kuka-1 000 kubantu abangu-100 000 ngo-1970 kuya kwangu-3 500 kubantu abangu-100 000 ngo-1990.

Ukubulala Ngenhloso: Emazweni asathuthuka, ukubulala ngenhloso kuye kwanda kusukela ekubulaweni koyedwa kuya kwabangu-2,5 kubantu abangu-100 000 phakathi kuka-1975 no-1985. Emazweni athuthukile ukwanda enkathini efanayo kwakusukela kwabangaphansi kwabathathu kuya kwabangaphezu kuka-3,5.

Amacala Ahlobene Nezidakamizwa: Lencwadi iyaphawula: “Izinhlangano ezinkulu ezihweba ngezidakamizwa ngokungemthetho zingase zicebe ukwedlula oHulumeni bezizwe ezincane futhi zibe nezikhali ezingaphezu kwezabo ngokoqobo, futhi kuze kube manje ziye zakwazi ukubhuntshisa imizamo yamazwe yokuzivimbela neyokwenziwa kwemithetho isebenze yamazwe athuthukile kwezezimboni.”

Izinga Lobugebengu Emhlabeni Wonke: Kulindeleke ukuba liphindeke kabili kusukela emacaleni angu-4 000 kubantu abangu-100 000 ngo-1985 kuya cishe kwangu-8 000 ngonyaka ka-2000.

Ukwanda kobugebengu embulungeni yonke kumane kungesinye isici sesiprofetho sikaJesu esibonisa ukuthi siphila ‘ekupheleni kwezwe.’ (Mathewu 24:3) UJesu wathi: “Nxa nibona lezozinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.”—Luka 21:31.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela