Njengamajuba Endizela Rzidlekeni Zawo
AMAJUBA kungenzeka ayephakathi kwezinyoni zokuqala ezafuywa abantu. Ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka ezidlule, abaseGibithe—behlela ngokuhlakanipha ukudla konyaka wonke—bakha izidleke zamajuba eduze kwamakhaya abo. Inyama yalezinyoni yayaziswa kakhulu, futhi imisimbane yazo yayisetshenziswa njengomquba. NgeNkathi Ephakathi, izidleke zamajuba zaziyinto ehahelwa kangangokuthi kwamanye amazwe izikhulu noma abaholi benkolo kuphela ababevunyelwe ukuba nazo.
Nakuba manje izinkukhu zithathele amajuba indawo njengenyama ekudleni okuningi, ezinye izidleke zamajuba zakudala zisengatholakala. Izidleke zamajuba eziboniswe lapha ziyatholakala eGibithe.
Zibuya ngobuningi kusihlwa, ifu loqobo lezinyoni lehlela esidlekeni samajuba. Umprofethi ongumHeberu uIsaya wayebhekisele kulokhu lapho ebuza: “Ngobani laba abandiza njengefu, nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo, na?” Njengoba enye inguqulo ikubeka: “Ngobani laba abathutheleka njengamafu, abandiza njengamajuba eya ezidlekeni zawo?”—Isaya 60:8; The New English Bible.
Namuhla impendulo itholakala emakhulwini ezinkulungwane zabantu abesaba uNkulunkulu abathutheleka enhlanganweni kaJehova. EmaHholo OMbuso oFakazi BakaJehova, bafunda ukuthembela kuNkulunkulu. (Isaya 60:9) Phakathi kwabantu bakaNkulunkulu, bathola ukuthi izindinganiso ezingokomoya, ukholo oluphilayo, nobungane obuhle kudlulisela umuzwa wokuthula nokulondeka ofana nalowo otholwa ijuba esidlekeni salo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.