Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 5/15 k. 32
  • Umlilo Ushukumisa Isimiso Sokwakha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umlilo Ushukumisa Isimiso Sokwakha
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 5/15 k. 32

Umlilo Ushukumisa Isimiso Sokwakha

“UMLILO! Umlilo! IHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova liyasha!” Lokho kukhala okwethusayo kwezwakala ngenye intambama yangoLwesihlanu ngo-October 1989 eHeerenveen, idolobha elingasenyakatho yezwe laseNetherlands.

OFakazi BakaJehova babesebenzise leliHholo LoMhlangano elihle iminyaka engu-11. Cishe njalo ngempelasonto, amakhulu ayehlangana lapho ngenjongo yomhlangano wesifunda wezinsuku ezimbili noma umhlangano okhethekile wosuku olulodwa. Kwakuyindawo ethokomele yemfundo yeBhayibheli.

Ingozi yenzeka ngesikhathi kusetshenzwa ophahleni lwehholo. Ngemizuzu embalwa, lesisenzakalo saguqula ihholo laba umlotha. Nokho, kuyabongeka ukuthi akukho muntu owalimala.

Bedabukile ngalokhu kulahlekelwa kodwa bengadangele, oFakazi bahlela ukwakha ihholo elisha kwenye indawo. Bathola indawo efanelekile eSwifterbant, esifundazweni saseFlevoland. Lena yindawo ebanzi eshonile endaweni eyayimaphakathi nezwe okwakuthiwa iZuider Zee, engamamitha amahlanu ukwehla kusuka ogwini lolwandle.

NgoJanuary 1991 kwanikezwa iziqondiso zokuqalisa ukwakhiwa kweHholo LoMhlangano elisha. Lalizokwakhiwa phakathi kukaMay noSeptember 1991. Amakhulu oFakazi azinikela ngokuzithandela ukusebenza esakhiweni, futhi ezinye izinsizwa zabheka lomsebenzi njengendlela yokuthuthukela ekukhonzeni uJehova uNkulunkulu isikhathi esigcwele. Izisebenzi eziningi zazivela eBelgium naseNgilandi.

Isakhiwo esiklanywe kahle sakhiwa. Indawo yaso yokuhlalisa abantu nendawo yokudlela kuhlukaniswa iphasishi elifulelwe ngophahla lwengilazi. Ihholo elikhulu lihlalisa abantu abangu-1 008, kuthi abanye abangu-230 bangabona isimiso kuthelevishini ehholweni eliseceleni.

Namuhla, izinkulungwane zithi: ‘Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova, uyakusifundisa izindlela zakhe.’ (Isaya 2:2, 3) LeliHholo LoMhlangano elisha limane lingenye yezindawo eziningi lapho imfundo engokomoya inikezwa khona. IHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova lasendaweni yakini lingenye yazo. Lapho uyokwamukelwa ngokufudumele.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela