Inkolo ‘Enokholo Oluguquguqukayo’
“Ukukwazi kwenkolo kaMormon ukuzinza kokubili emibusweni ekhululekile yentando yeningi kanye nasemiphakathini ebuswa ngobushiqela kuyinto emangalisayo.” Yaphawula kanjalo iWall Street Journal lapho uhulumeni waseHungary enikeza iChurch of Jesus Christ of Latter-day Saints ukuqashelwa okuphelele. Isonto likwazi kanjani ukufinyelela lokhu? NgokwaleJournal: “Isihluthulelo akukhona nje ukuba kwabenkolo kaMormon namanani aphakeme okuzala noma ukusabalala ngamandla kwevangeli labo. Kunalokho, siwukuguquguquka okukulenkolo.” Kanjani?
Ikhuluma ngesikhathi esingaphambi kwezinguquko zamuva zezombangazwe eMpumalanga Yurophu, leJournal yathi: “Ngokusebenzisa amaqembu omculo nomdanso wabomdabu avela eBrigham Young University, abenkolo kaMormon baye bakwazi ukugwema ukucindezelwa nokungabikho kokubambisana abavangeli abavame ukubhekana nakho emazweni amaningi obuKhomanisi.” Amaqembu abo abadlali aye aya eRomania, eCzechoslovakia, eHungary, ePoland, eRussia, naseChina, kanye naseSaudi Arabia, eLibya, e-Egypt, eJordan, eSomalia, nakwaIsrael. Ngaphezu kwalokho, “ingcebo yeSonto LikaMormon iye yasetshenziswa njengethuluzi lokungena emazweni obuMarx nasemaZweni Asathuthuka.” Imisebenzi yokwakhiwa kwamadamu kanye nokumbiwa kwemithombo iphakathi kwaleyo esekelwa ngeminikelo yabenkolo kaMormon.
Kulelizwe lanamuhla elithanda injabulo nelilambele imali, akumangalisi ukuthi amacebo anjalo omculo nokudansa nawokudoba ngemali akhanga kakhulu. (2 Thimothewu 3:2, 4) Kodwa abantu abanjengezimvu ngempela bakhangwa izwi likaMalusi Omuhle, uJesu Kristu. (Johane 10:27) Kungakho, lapho eyala abalandeli bakhe ukuba “[be]nze izizwe zonke abafundi,” engazange athi bakwenze nganoma iyiphi indlela noma nganoma yiziphi izindleko kodwa bakwenze ngokuba ‘babafundise ukugcina konke ayebayalé ngakho.’ (Mathewu 28:19, 20) Ekufezeni lokhu kuthunywa, akufanele kuyekethiswe izindinganiso zeBhayibheli.