Umenywa Ngokufudumele
Ukufa komuntu uJesu Kristu eminyakeni engaphezu kuka-1 900 edlule kwakuyisenzakalo esibaluleke kakhulu emlandweni. Kuye kwasivulela sonke ithuba lokuzuza ukuphila okuphakade ngaphansi kwezimo zePharadesi. Phakathi nomkhosi ongenamicikilisho, uJesu wasebenzisa iwayini nesinkwa esingenamvubelo njengezifanekiselo zomhlatshelo wakhe wobuntu wothando. Ngemva kwalokho watshela abafundi bakhe: “Yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” (Luka 22:19) Ingabe uzokhumbula?
OFakazi BakaJehova bakumema ngokufudumele ukuba uhlanganyele nabo ekugubheni lomkhosi weSikhumbuzo. Uzoba ngemva kokushona kwelanga ngosuku oluhambisana noNisan 14 kukhalenda yeBhayibheli yezinyanga. Ungaya eHholo LoMbuso eliseduze nekhaya lakho. Xoxa noFakazi BakaJehova abasendaweni yakini ngesikhathi esiqondile kanye nendawo. Usuku lwalomkhosi ngo-1992 luzoba ngoLwesihlanu, ngoApril 17.