Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 3/1 kk. 24-25
  • Vakashela Izwe, Uvakashele Nezimvu!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Vakashela Izwe, Uvakashele Nezimvu!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Uyazinakekela Izimvu Zakhe
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
  • Lapho Singathola Khona Induduzo
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • “Elahlekile Ngiyoyifuna”
    Buyela KuJehova
  • Isibaya Samuva ‘Sezinye Izimvu’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 3/1 kk. 24-25

Imifanekiso Evela Ezweni Lesithembiso

Vakashela Izwe, Uvakashele Nezimvu!

IZINKULUNGWANE zamaKristu ziye zavakashela eZweni Lesithembiso, zinomuzwa wokuthi ukubona izindawo lapho kwenzeka khona izenzakalo kuyowasiza ukuba aqonde iBhayibheli, kulenze libe nengqondo ngokwengeziwe. Futhi kuye kwaba kanjalo.

Kungakhathaliseki ukuthi uke wavakasha ngokoqobo noma ngengqondo ngokutadisha izincwadi nezihloko ezikhuluma ngalelizwe, kuthiwani ngokuvakashela izimvu? ‘Izimvu zihlangene ngani neZwe Lesithembiso?’ ungase uzibuze. Empeleni, izimvu zaziyingxenye ebalulekile yokuphila ezikhathini zeBhayibheli kangangokuba ngandlela-thile, ukuvakashela eZweni Lesithembiso akuphelele uma kungahlanganisi nokuvakashela izimvu.

Imifanekiso oyibona lapha ingaba yingxenye yokuvakasha kwakho, ngenxa yokuthi izimvu ezingase zibonwe kulesosifunda namuhla zifana kakhulu nalezo ezazivamile ngenkathi yeBhayibheli.a Imisila yazo eyizixwembe inamafutha. (Levitikusi 7:3; 9:19) Uvolo wazo owugqinsi ngokuvamile umhlophe. Kodwa khumbula ukuthi umhlambi omkhulu kaJakobe wawuhlanganisa ‘nezimvu ezimanakanaka nezimagqabhagqabha nezimnyama.’—Genesise 30:32.

Lokhu kulandisa okufanayo kubonisa ukuthi indoda enomhlambi omkhulu yayibhekwa njengenothile. (Genesise 30:43) Siyafunda ngoJobe: “Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu . . . Wayemkhulu lowomuntu kunabo bonke abantu basempumalanga.” (Jobe 1:3; 42:12) Noma khumbula ukuthi uNabali wayenezimvu ezingu-3 000 nezimbuzi ezingu-1 000. Ucabanga ukuthi isithunzi sakhe nethonya lakhe lalingakanani ngosuku lukaDavide? (1 Samuweli 25:2) Kodwa kungani ngempela umhlambi omkhulu wawubonisa ingcebo enkulu?

Kwakungenxa yokuthi izimvu zazinikeza umalusi wazo noma umninizo imikhiqizo ebalulekile. Uvolo ngokwawo wawungumcebo ohlala uvuseleleka. IzAga 31:13, 21, 22 zisisiza ukuba sibone indlela owesifazane ohlakaniphile nokhuthele ayengawusebenzisa ngayo ukuze enze izambatho zomkhaya wakhe noma izingubo ezazingase zithengiswe. (Jobe 31:20) Uvolo wawuyinto ebalulekile yezentengiselwano. Lokho kubonakala emazwini athi inkosi ethile yakwaMowabi ‘eyayifuyile kakhulu izimvu yathela enkosini yakwaIsrayeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama [ezingagundiwe, NW] eziyizinkulungwane eziyikhulu.’ (2 AmaKhosi 3:4) Yebo, kwakuyizimvu “ezingagundiwe”; uvolo wazo omningi wawenezela ekubizeni kwazo.

Izinqama zazingaba nezimpondo ezinkulu, njengalezi ezisemfanekisweni ongakwesokudla. Ingabe lokhu kuyakukhumbuza ukuthi uphondo lwenqama lwalusetshenziselwa ukumemezela iJubili? (Levitikusi 25:8-10) Izimpondo ezifanayo ezikhishwe okungaphakathi zazisetshenziselwa ukumemezela izixwayiso noma ukuqondisa impi.—AbAhluleli 6:34; 7:18, 19; Joweli 2:1.

Ngokuqondakalayo, uma wawunomhlambi wezimvu, wawungaqiniseka ngomthombo wokudla ngoba izimvu zaziphakathi kwezilwane ezihlanzekile amaIsrayeli ayengazidla. (Duteronomi 14:4) Inyama yemvu yayingase ibiliswe noma yosiwe. Inyama yemvu eyosiwe yayiyinto ebalulekile ePhasikeni laminyaka yonke. (Eksodusi 12:3-9) Izimvu futhi zaziwumthombo wasikhathi sonke wobisi, olwalusetshenziselwa ukuphuza nokwenza ushizi.—1 Samuweli 17:17, 18; Jobe 10:10; Isaya 7:21, 22.

Ukuvakashela izimvu bekuyoba okungaphelele uma singase singaphawulwa isibopho esiqinile esiphakathi komhlambi nomalusi wawo. Umalusi othembekile wayezinakekela izimvu zakhe. Njengoba uJesu asho, zazilizwa izwi likamalusi futhi zisabele lapho ezibiza ngamagama. (Johane 10:3, 4) Uma enye ilahlekile, umalusi oqaphile wayeyifuna. Uma eyithola lemvu elahlekile, wayengase ayetshathe emahlombe bese ephindela nayo emhlanjini.—Luka 15:4, 5.

UDavide wasebenzisa okuhlangenwe nakho kwakhe siqu nomhlambi lapho ezifanisa nemvu enoMalusi onguJehova. UDavide wayevikelekile, njengoba nezimvu zazivikelwa ezilwaneni ezihlaselayo. Izimvu zazikulandela ukuhola kukamalusi wazo onakekelayo. Uma zazilimala, wayegcoba amanxeba azo, mhlawumbe ngamafutha apholisayo. Yeka indlela okuhluke ngayo ezenzweni zobugovu zabaholi bakwaIsrayeli, ezichazwe kuHezekeli 34:3-8!

IBhayibheli libhekisela kaningi ngokwesiprofetho nangokomfanekiso ezimvwini. Ngakho ukuvakashela kwakho izimvu zeZwe Lesithembiso, uzijwayelanise nazo, kungajulisa ukuqonda kwakho amagama anjengathi ‘umhlambi omncane,’ “iWundlu likaNkunkulu,” “nezinye izimvu.”—Luka 12:32; Johane 1:36; 10:16.

[Umbhalo waphansi]

a Umfanekiso ongenhla wezimvu ehlane laseJudiya ungahlolisiswa Ekhalendeni LoFakazi BakaJehova Lika-1992.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]

Garo Nalbandian

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela