Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 2/1 k. 32
  • “Amandla Angaphezu Kwavamile”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Amandla Angaphezu Kwavamile”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 2/1 k. 32

“Amandla Angaphezu Kwavamile”

UMKRISTU angakhuthazelela ukuhlupheka okungakanani? Namuhla, amaKristu emhlabeni wonke abhekana nobumpofu, ukuwohloka kwemikhaya, ukulimala okungokomzwelo, ukugula, izimpi, noshushiso. Ingabe kunengqondo ukulindela ukuba agcine ubuqotho naphezu kwakho konke lokhu? Umphostoli uPawulu wathi kwakunengqondo. Wabhala: “Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.”—Filipi 4:13.

Umlando uye wabonisa ukuthi amandla avela kuJehova ngempela anele kuzo zonke izinto. Ngokwesibonelo, phakathi nokubusa kwamaNazi eJalimane, oFakazi BakaJehova babhekana noshushiso olunonya. Ingabe bakhuthazela? Incwadi ethi Les Bibelforscher et le nazisme (AbaFundi BeBhayibheli NobuNazi) ithi: ˈNaphezu kwakho konke ukushaywa, ukusongelwa, nokuvinjelwa, naphezu kokuhlaziswa emphakathini, ukugqunywa ejele nokuvalelwa emakamu okuhlushwa, abaFundi BeBhayibheli [oFakazi BakaJehova] abazange bavumele ˈukufundiswa kabusha.”ˈ

Emakamu okuhlushwa, oFakazi babephawulwa ngophawu oluncane olunsomi olungunxantathu emikhonweni yabo futhi babehlukaniswa kwabanye ngenjongo yokuphathwa ngonya olukhethekile. Ingabe lokhu kwabahlakaza? Isazi sokusebenza kwengqondo uBruno Bettelheim saphawula ukuthi “ababonisanga nje kuphela isizotha sobuntu nokuziphatha okuhle okuphakeme ngendlela engavamile, kodwa babebonakala bevikelekile kokuhlangenwe nakho okufanayo kwasekamu lokho ngokushesha okwabhubhisa abantu mina nabangane bami abahlaziya ingqondo esasibabheka njengababumbene kahle kakhulu.”

Yebo, ‘babenamandla okwenza konke.’ Ngani? Ngoba babethembele kuJehova. UPawulu wathi: “Lengcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu [bamandla angaphezu kwavamile, NW] bube ngobukaNkulunkulu, bungabi-ngobuvelele kithi.” (2 Korinte 4:7) Uma kwenzeka uhlangabezana nesimo esilingayo, bheka kuJehova ngokuqiniseka ukuze uthole usizo. Uqiniswe amandla angaphezu kwavamile awanikezayo, uyokwazi ukukhuthazela.—Luka 11:13.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela