Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 1/15 k. 32
  • Kuyokwenzekani Ezindaweni Ezingcwele ZeLobukholwa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuyokwenzekani Ezindaweni Ezingcwele ZeLobukholwa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 1/15 k. 32

Kuyokwenzekani Ezindaweni Ezingcwele ZeLobukholwa?

ABANYATHELISI bencwadi ethi Holy Places of Christendom, yomvubukuli uStewart Perowne, bayabuza: “Yimuphi umuntu, kungakhathaliseki ukuthi ungowaliphi isiko lobuKristu, ongema eCalvary eSontweni Lovuko [noma, iSonto Lethuna Elingcwele] eliseJerusalema ngaphandle kokuba nomuzwa wokwesaba: ngoba lapha endaweni ehlonishwayo neyaze yalwelwa amakhulu amaningi eminyaka, kunesikhungo seLobukholwa.”

Akukho-muntu oye wakwazi ukufakazela ukuthi lelisonto lakhiwa eCalvary, lapho uJesu Kristu afela khona. Eqinisweni, ngaphambi kokuba umbusi waseRoma uConstantine anqume ukwakha isonto lapho, kwakunethempeli lamaqaba kuleyondawo. Ngaphezu kwalokho, uJesu wathi: “UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Abakhulekeli abanjalo abazihloniphi izindawo “ezingcwele” ezibonakalayo.

Ngesinye isikhathi, iJerusalema laliyindawo yethempeli likaNkulunkulu futhi ngaleyondlela liyisikhungo sokukhulekela okumsulwa. Nokho, ngenxa yokungathembeki kwezakhamuzi zalowomuzi uJehova uNkulunkulu wawulahla, njengoba uJesu abikezela. (Mathewu 23:37, 38) UJesu futhi wabikezela ngokuchithwa kwalesosikhungo senkolo, abaningi abaqhubeka besibheka njengendawo engcwele. Amazwi akhe agcwaliseka lapho amaRoma ebhubhisa iJerusalema nethempeli lalo ngo-70 C.E.—Mathewu 24:15, 21.

Isiprofetho sikaJesu ngokushesha sizogcwaliseka ngezinga elengeziwe kuyo yonke indawo yenkolo yeLobukholwa, elithi iyindawo engcwele. ELobukholwa nezindawo zalo ezingcwele manje libhekene nokubhujiswa ngamandla amelene nenkolo abizwa ngokuthi “isinengiso esichithayo.” (Daniyeli 11:31) OFakazi BakaJehova ngenjabulo bayolungiselela ukwaziswa ngokuthi lesisenzakalo esishaqisayo siyokwenzeka kanjani.

[Isithombe ekhasini 32]

Indawo yokukhulekela engaphakathi eSontweni Lethuna Elingcwele

[Umthombo]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela