Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Abantu Abafuna Iqiniso Bayasabela Ekushumayeleni Ngokwethukela
IBHAYIBHELI lisitshela ukuthi abantu abanjengezimvu bayosabela ezwini likaMalusi Omuhle. (Johane 10:27) Lokhu kuye kwaba njalo emazweni amaningi, kuhlanganise neBrithani.
◻ Ngokwesibonelo, ngo-1988, ngaphambi nje kukaKhisimusi, uPamela, ongomunye woFakazi BakaJehova, wathola ucingo ehhovisi ayesebenzela kulo futhi wakhuluma nomthengisi osebenzela inkampani efanayo okwenye ingxenye yeNgilandi. Ngasemaphethelweni engxoxo, lendoda yabuza: “Ingabe usuwulungele uKhisimusi?” UPamela wathi: “Cha!” “Yini sengathi sewephuzile nje?” kubuza lomuntu oshaye ucingo. “Angiwugubhi uKhisimusi,” kuphendula uPamela. Lendoda yathi kwakungavamile lokho yabe isibuza isizathu. UPamela wayitshela ukuthi wayengomunye woFakazi BakaJehova futhi waqhubeka echaza ukuthi akukho myalo eBhayibhelini wokuba kugujwe usuku lokuzalwa kukaJesu, futhi ngaphandle kwalokho, uJesu akazange azalwe ngoDecember 25. Ngaphezu kwalokho, uKhisimusi ekuqaleni wawungumkhosi wamaqaba. Lomuntu oshaye ucingo wathi konke kwakuthakazelisa kakhulu.
Ezinyangeni ezintathu kamuva uPamela wathola ucingo, futhi umuntu owayeshaye ucingo wathi: “Uyakhumbula ukhuluma nami ngaphambi kukaKhisimusi futhi ungitshela ukuthi awuwugubhi uKhisimusi? Ngilitholile-ke iqiniso!” Kwakuseyileyandoda, futhi yachaza ukuthi emasontweni amabili ngemva kukaKhisimusi, oFakazi ababili bafika ekhaya layo. Yabamukela, futhi kwaqaliswa isifundo seBhayibheli. Yalandisa ukuthi isiye yathuthuka ngokushesha ezifundweni zayo. Yatshela intombi yayo eyayihlalisene nayo ukuthi indlela ababephila ngayo bayingamjabulisi uJehova, ngakho bahlala ngokwahlukana, futhi bobabili babeba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso.
Ekupheleni konyaka, bamukelwa njengabamemezeli abangabhapathiziwe, futhi ekuqaleni kuka-1990 bashada. Base bebhapathizwa bobabili. Yeka umphumela omuhle wokufakaza okufushane, kokwethukela okwanikezwa ngocingo!
◻ UJehova wabusisa omunye udade owayeshumayela ngokwethukela eNgilandi. Lapho umuntu othengisa umshuwalense efika kwakhe, lodade wambuza ukuthi wayengathanda yini ukuqinisekiswa ngempilo enhle, injabulo, nokuphila okuphakade. Wavuma futhi wabuza ukuthi yimuphi lomshuwalense ayekhuluma ngawo. Ngemva kokuba eseboniswe eBhayibhelini isithembiso sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni, wamukela ikhophi yencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni futhi wayifunda yonke ngobusuku obubodwa. Lapho ephinda ehambela lodade, wamtshela ukuthi ukwaziswa akufunda kwakumangalisa—ukuthi nje wayentula ukholo lokukukholelwa. Lodade wachaza ukuthi wayedinga ukutadisha iBhayibheli nokuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso. Kwahlelwa isifundo seBhayibheli, futhi waqala ukuba khona emihlanganweni. Wabhapathizwa ekwindla yangalowonyaka. Ngemva konyaka nje kamuva, washada nendodakazi yalodade owayefakaze kuye ekuqaleni. Lodade uthi: “Ngakho ngathola kokubili umfowethu nomkhwenyana ngokushumayela kwami ngokwethukela!”
Kuyiqiniso elingenakuphikwa ukuthi abantu abafuna iqiniso bayasabela lapho iqiniso leBhayibheli lidluliselwa kubo ngokushumayela ngokwethukela. Njengoba uJesu asho, izimvu zakhe ziyalizwa izwi lakhe.