IPhaphama! Isiza Ekuwineni Umklomelo EItaly
Ngonyaka odlule intombazane yesikole eneminyaka eyishumi ubudala eltaly yabhala indatshana ngesihloko esithi “Uma Umhlaba Ubungakhuluma.” Kwaxoxwa ngalesihloko njengengxoxo phakathi komhlaba nomntwana omncane owayebuze umhlaba ukuthi wawukhalelani. Lentombazane yesikole iyachaza:
“Umhlaba waphendula ngokuthi wawungcoliswe intuthu eyayikhiqize ukushisa okubabazekayo [greenhouse effect]. Umhlaba waqhubeka ukhuluma nomntwana omncane futhi wathi ngokushesha izinto zizoshintsha futhi ikusasa lawo lizoba ngcono, kungengenxa yomuntu. Ithemba lomhlaba lalikuNkulunkulu onguMninimandla onke, uMdali wawo, ongawudalelanga ize umhlaba kodwa ukuba kuhlalwe kuwo.—Isaya 45:18.”
Lentombazane yesikole yaqhubeka yathi: “Ukwaziswa ngakuthatha komagazini [besiNgisi] bePhaphama! kaJuly 22, 1989; kaSeptember 8, 1989; nekaSeptember 22, 1989. Ngenxa yalabomagazini, isihloko sami sawina umklomelo wokuqala. Umklomelo wesibili wawinwa omunye engifunda naye ekilasini omama wakhe ungumzila kamagazini kamama wami. Naye wathatha ukwaziswa komagazini abafanayo bePhaphama!
“Ngiyanibonga ngalokhu kwaziswa okuhle nokunembile futhi nokulula okusihlakaniphisayo. Umklomelo engawuwina uyinani lamalire angu-100 000 (cishe u-R275], futhi ngithumela lemali ukuba isetshenziselwe ukunyathelisa omagazini abengeziwe.”
Sinomuzwa wokuthi kungakhathaliseki inkolo okuyo, nawe uyozuza ezihlokweni ezithakazelisayo ezikuPhaphama!
Ngingathanda ukuba umagazini wePhaphama! uthunyelwe ekhaya lami. (Ngaphandle kweR.S.A., bhalela igatsha IeWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)