Ingabe Isayensi Ingaziphika Izimangaliso?
Ingabe izimangaliso zeBhayibheli zenzeka ngempela? Kunabaningi, kuhlanganise nososayensi abaningi nabaholi benkolo, abaphendula ngokuthi cha. Banomuzwa wokuthi ukukholelwa ezimangalisweni kungokwenkathi yokukholelwa ezeni kakhulu nokuthi isayensi yanamuhla iye yakuphika ukuthi zingase zenzeke. Ngakho-ke, kubalulekile ukuphawula lencwadi elandelayo eyakhishwa kuTimes yaseLondon futhi yasayinwa ososayensi abaningi. Ithi:
“Akukhona okunengqondo ukusebenzisa isayensi njengephuzu lokuphikisa izimangaliso. Ukukholelwa ekutheni izimangaliso azinakwenzeka kuyisenzo sokholo ngokufanayo nokukholelwa ekutheni zingenzeka. . . . Izimangaliso ziyizenzakalo ezingenazandulela. Kungakhathaliseki ukuthi zisikiselani izimfashini zamanje kuyifilosofi noma lokho okwambulwa ukuhlolwa kwemibono, kubalulekile ukuqinisa ngokuthi akukho lutho isayensi (nakuba isekelwe ekubhekweni kwezandulela) engakusho ngalendaba. ‘Imithetho’ yayo imane iwukuthi okuhlangenwe nakho kwethu kwenza zife ngamvunye. Ukholo lusekelwe kwezinye izizathu.” (Omalukeke sizenzele.) Ngempela, ayikho indlela isayensi yanamuhla engaphika ngayo ukulandisa ngezimangaliso okulotshwe eBhayibhelini.