Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 9/15 k. 32
  • Ungakujabulela Ukuvakashelwa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungakujabulela Ukuvakashelwa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 9/15 k. 32

Ungakujabulela Ukuvakashelwa?

Ngonyaka odlule owesifazane Othile waseCorpus Christi, eTexas, eU.SA., wabhalela iWatchtower Society eBrooklyn, eNew York, ethi: “Igama lami nginguEmily, futhi bengilokhu ngifunda izincwadi engangizinikezwe ngabanye oFakazi BakaJehova emasontweni ambalwa adlule. Ngemva kokufunda labomagazini futhi ngibaqhathanisa neBhayibheli esinalo ekhaya, ngabona ukuthi iSonto LamaRoma Katolika alibonakali lifundisa lokho okwakuseBhayibhelini Elingcwele. Abalokothi bakhulume ngegama likaNkulunkulu noma ngoMbuso kaNkulunkulu ozayo, engikuthole kuyizindaba eziyisisekelo eBhayibhelini lami. Sengiyekile ukuya esontweni lasekhaya futhi sengiqale ukutadisha iBhayibheli, ngosizo lwezincwadi zenu ezineqiniso.

“Ngingathanda ukuqala ukuhlanganyela nebandla loFakazi BakaJehova elisendaweni yakithi. Sizani nibazise ukuba beze ekhaya lami ukuze sikwazi ukuxoxa.”

Omunye woFakazi BakaJehova angakujabulela naye ukukuvakashela futhi akusize ukuba wandise ulwazi lwakho ngoNkulunkulu, ngoMbuso wakhe, nangezinjongo zakhe, njengoba kulotshwe eBhayibhelini. Ukuze uzenze utholakalele lenkonzo, kalula nje nikeza ukwaziswa okucelwe ngezansi bese ukuthumela ekhelini elisesigqebhezaneni.

Ngingathanda ukwazi okwengeziwe ngeBhayibheli. Sizani nihlele ukuba othile angivakashele.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela