“Endlini Ngendlu”
“ABAYEKANGA ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya [nasendlini ngendlu, NW].” (IzEnzo 5:42) OFakazi BakaJehova ngokuvamile basebenzisa lombhalo kanye nalowo okuzEnzo 20:20 ukuze babonise isisekelo esingokomBhalo somsebenzi wabo wokushumayela endlini ngendlu. Nokho, eJalimane abanye abagxeki boFakazi BakaJehova baye bayibekela inselele indlela iNew World Translation ewahumusha ngayo lamavesi, bethi isimelela kabi isiGreki sokuqala.
Ingabe izinkulumo ezinjalo ziyiqiniso? Lutho neze. Ngokwesibonelo, okungenani ezinye izinguqulo zeBhayibheli eziyisithupha zesiJalimane zihumusha lamavesi ngendlela efanayo. Phakathi kwazo kuneZürcher Bibel ebukeziwe kanye ne“New Testaments” kaRupert Storr, uFranz Sigge noJakob Schäfer (ebukezwe nguN. Adler). Izinguqulo eziningi zesiNgisi ziyavuma.
Isazi esingumJalimane uHans Bruns sibonisa ukufaneleka kokuhumusha kwaso ngokuthi, “endlini ngendlu,” kuzEnzo 5:42, sithi: “Ngokombhalo wokuqala, kubonakala sengathi babehamba endlini ngendlu.” Yebo, amazwi okuqala akulombhalo athi katʼ oiʹkon, awasetshenzisiwe ngomqondo wokuba isandiso (“ekhaya”) kodwa ngomqondo wokusakaza, ngokwezwi nezwi asho ukuthi “ngokwendlu.” (Isimo esisebuningini, esithi katʼ oiʹkous, esisho ukuthi “ngokwezindlu,” sitholakala kuzEnzo 20:20.) Ezinye izazi, ezinjengoHeinz Schürmann, ziyakubonisa ukufaneleka kokuhunyushwa kwalamazwi ngomqondo wokusakaza. UHorst Balz noGerhard Schneider, abanyathelisi besichaza-mazwi esichaza iTestamente Elisha, bathi lamazwi angahunyushwa ngokuthi “indlu ngemva kwendlu.” Izincwadi eziningi zesiNgisi okubhekiselwa kuzo zichaza lelivesi ngendlela efanayo.
Khona-ke, iNew World Translation iye yaphinda futhi yamelana nokuhlasela kwabagxeki. Okubaluleke nangaphezulu, kuyacaca ukuthi kunesisekelo esiqinile esingokweBhayibheli senkonzo yendlu ngendlu. (Qhathanisa noMathewu 10:11-14; 24:14.) OFakazi BakaJehova banelungelo lokulingisa abalingane babo bekhulu lokuqala leminyaka ngokuqondene nalokhu.