“Kungani Abantwana Befa?”
Yilokho umkhaya owalahlekelwa abantwana ababili abancane owawufuna ukukwazi. Owesilisa waseWillowick, eOhio, eU.S.A., wachaza:
“Muva nje, kwehla usizi emkhayeni wakithi. Udadewethu walahlekelwa abantwana bakhe ababili abayizinsana engozini yemoto eyesabekayo. Yebo, umkhaya wonke wawukhungathekile. Umfundisi wabo waseBaptist akazange ayinikeze induduzo engokomBhalo. Okuwukuphela kwayengakusho ukuthi ‘Bekuyintando kaNkulunkulu,’ nokuthi, UNkulunkulu ubedinga ezinye izingelosi ezimbili.ˈ
“Nakuba kwakunesikhathi esincane kakhulu sokucwaninga, ngaphenya incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo esihlokweni esithi ‘Kungani Abantwana Befa?’ Ezinsukwini nasemasontweni alandelayo, mina nomkami siye sakwazi ukuhlanganyela nomkhaya wakithi izimpendulo eziyiqiniso zemibuzo yabo eminingi, njengethi, ‘Kungani abantwana befa?’ ‘Ingabe kuyintando kaNkulunkulu ukuthatha izingane kubazali bazo?’ futhi, obaluleke kakhulu, ‘Iliphi ithemba elikhona lokuphinde sibone labantwana abathandekayo?’ Abazali bami baye bathi bangathanda ukuza eHholo LoMbuso ngesikhathi esizayo.”
Incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo iqukethe izihloko zezindaba eziyinhloko ezingaphezu kuka-70. Kuhlanganise nezithi “Ukufa,” “Isihogo,” “Umphefumulo,” “Ukuhlwithwa,” “Ukuphindukuzalwa,” “Ubulili,” “Imimoya,” kanye nezinye eziningi. Uhlu Iwezikhombo zezindaba nemibhalo olusemakhasini ayisikhombisa lungakusiza ukuba uthole izimpendulo ngokushesha. Ukuze uzitholele eyakho, siza ugcwalise bese uthumela lesigqebhezana.
Ngingathanda ukuthola incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi angu-448 ethi Ukubonisana NgemiBhalo. (Ngaphandle kwaseR.S.A., bhalela egatsheni leWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)