Izigidi Ziyahamba. Ingabe Nawe Uyaya?
Ziyaphi? Emkhosini waminyaka yonke wokufa kukaJesu Kristu. Ngo-1990 ingqikithi yomhlaba wonke yababa khona yayingu-9 950 058. Kungani abantu behamba? Ngenxa yalokho ukufa kukaKristu okukushoyo ngesintu. Kusho ukuphunyuzwa osekuseduze ekuguleni, ekuhluphekeni nasekufeni. Ngisho nabafileyo abathandekayo bayovuselwa ekuphileni emhlabeni obuyiselwe waba yiPharadesi. Ukufa kukaJesu kungaziletha kanjani izibusiso ezinjalo? Uyamenywa ukuba uzozitholela lokho. OFakazi BakaJehova bayakwamukela ukuba uhlanganyele nabo phakathi nalesenzakalo esibalulekile. Yiba khona eHholo LoMbuso eliseduze nekhaya lakho. Kulonyaka usuku lungoMgqibelo, ngoMarch 30, ngemva kokushona kwelanga. Xoxa noFakazi abasendaweni yakini ukuze uthole isikhathi esiqondile.