‘Ziwusizo Njengeziqondiso Ekuphileni Kwansuku Zonke’
Wazibiza kanjalo owesifazane waseToronto, eCanada izincwadi zeWatch Tower Bible and Tract Society. “Ngiyakujabulela ukuzifunda futhi ukwaziswa kufundisa kakhulu, kuthokozisa, futhi ngaphezu kwakho konke kuwusizo kakhulu njengeziqondiso ekuphileni kwansuku zonke.”
Wanezela: “Ngineziqu zaseyunivesithi, futhi kumelwe ngivume ngokudabukisayo ukuthi ngiye ngafunda okuningi kakhulu ezincwadini zenu kunakuyo yonke leminyaka yokufunda kwami. Ngajabulela ngokukhethekile incwadi yenu ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Azikho ezinye izincwadi eziye zakwazi ukuba nethonya elihle kangaka ekuphileni kwami njengoba kuye kwenza ezenu—ziye zangisiza kakhulu; futhi ngokuqinisekile ngiyanibonga ngalokho.”
Incwadi eshiwo ngenhla ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise, inikeza izeluleko eziqondile ezisiza ekuxazululeni izinkinga futhi zenze umshado ube injabulo uMdali ayefuna ube yiyo. Ukuze uthole eyakho, gcwalisa bese uthumela ikhuphoni elingezansi.
Ngingathanda ukuthola incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi angu-192 ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. (Ngaphandle kwaseR.S.A., bhalela igatsha IeWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)