Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 12/15 k. 32
  • Izindaba ZeBhayibheli Ezikhanga lzingane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izindaba ZeBhayibheli Ezikhanga lzingane
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 12/15 k. 32

Izindaba ZeBhayibheli Ezikhanga lzingane

Ilungu lebandla IamaProthestani ePuerto Rico labhalela Watch Tower Society: “Nginguthisha wezingane esikoleni seBhayibheli. Phakathi nonyaka odlule, lokhu okulandelayo kwenzeka kimi.

“Izincwadi engangizisebenzisa ekufundiseni izingane umlando weBhayibheli zaphela, ngakho ngazibuza: ‘Manje ngizokwenzenjani?’ Njengoba ngibheka emashalofini endlini yami lapho nginezincwadi ezicishe Abe yikhulu khona, ngabona ephuzi enesihloko esithi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Nganquma ukusebenzisa lencwadi.

“Ngayisusa uthuli futhi ngaqala ukuyisebenzisa iSonto ngalinye ekufundiseni kwami. Izingane zajabula kakhulu ngalencwadi, futhi sasingakasiqedi ngisho nokusiqeda esinye isihloko lapho zifuna ukuba siqale esinye. Umphumela: Unyaka waphela, futhi sase siyihlanganise yonke incwadi. Izingane zajabula kakhulu, futhi nami ngibonga kakhulu. Ngempela iyincwadi enhle, ecacile neshaya emhloleni.”

Sinomuzwa wokuthi nawe futhi uzoba nokwazisa ngalencwadi enemifanekiso emihle, ebhalwe ngamagama amakhulu. Izindaba zayo ezingu-116 zinikeza umfundi umqondo wokuthi liphetheni ngempela iBhayibheli. Lezindaba zibekwe ngokokulandelana kokwenzeka kwezenzakalo. Uyothola lokhu kusiza ngempela ekufundeni ukuthi izinto zenzeka nini, ngokuhlobene nezinye izenzakalo. Uma ungathanda ukuthola lencwadi eyigugu enamakhasi angu-256, siza ugcwalise futhi uthumele isigqebhezana esingezansi.

Ngingathanda ukuthola incwadi enoqwembe oluqinile ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. (Ngaphandle kwaseR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela