Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 12/15 kk. 8-9
  • Ukusuka KuPilatu Ukuya KuHerode Nokubuyela KuPilatu Futhi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusuka KuPilatu Ukuya KuHerode Nokubuyela KuPilatu Futhi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusuka KuPilatu Ukuya KuHerode Nokubuya Futhi
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UPilatu NoHerode Bathi Akanacala
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Wayengubani Upontiyu Pilatu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • UJesu Uyanikelwa Futhi Uyobulawa
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 12/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Ukusuka KuPilatu Ukuya KuHerode Nokubuyela KuPilatu Futhi

LAPHO amaJuda esola uJesu ngokuthi uyinkosi, uPilatu uyaphinda ungena esigodlweni sombusi ukuze amphenye. Nakuba uJesu engazami ukukufihla ukuthi uyinkosi, uchaza ukuthi uMbuso wakhe awulona usongo eRoma.

“Umbuso wami awusiwo owalelizwe,” uJesu utshela uPilatu. “Uma umbuso wami ubungowalelizwe, izikhonzi zami zaziyakulwa ukuba nginganikezelwa kubaJuda. Kepha kalokhu umbuso wami awusiwo owalapha.” Ngakho uJesu uvuma kathathu ukuthi unoMbuso, nakuba ungaveli emhlabeni.

Nokho, uPilatu uyamcindezela futhi: “Kanti nokho uyinkosi na?” Okuwukuthi, ingabe uyinkosi ngisho nakuba uMbuso wakho ungeyona ingxenye yalelizwe.

UJesu wazisa uPilatu ukuthi ufinyelele esiphethweni esiqondile, ephendula: “Usho khona. Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.”

Yebo, khona kanye ukuba khona kukaJesu emhlabeni kungokokufakazela “iqiniso,” ngokukhethekile iqiniso ngoMbuso wakhe. UJesu uzimisele ukwethembeka kuleloqiniso ngisho noma kubiza ukuphila kwakhe. Nakuba uPilatu ebuza: “Iqiniso liyini na?” akalindeli enye incazelo. Usezwe ngokwanele ukuba akhiphe isahlulelo.

UPilatu uphindela esixukwini esilinde ngaphandle kwesigodlo. Ngokusobala uJesu eseceleni kwakhe, utshela abapristi abakhulu nalabo abakanye nabo: “Angifumani-cala kulomuntu.”

Zithukutheliswe yilesinqumo, izixuku ziqala ukuphikelela: “Uvusa abantu efundisa kulo lonke laseJudiya, eqalile kwelaseGalile, waze wafika lapha.”

Lentshiseko engenangqondo yamaJuda kumelwe ukuba iyammangaza uPilatu. Ngakho, njengoba abapristi abakhulu namalunga beqhubeka bememeza, uPilatu uphendukela kuJesu embuza: “Awuzwa yini lokho okungaka abakufakaza ngawe na?” Nakulokhu, uJesu akenzi mzamo wokuphendula. Ukuhleleka kwakhe lapho ebhekene nezinsolo kubangela uPilatu ukuba amangale.

Lapho ezwa ukuthi uJesu ungowaseGalile, uPilatu ubona indlela angazikhulula ngayo kulomthwalo wemfanelo. Umbusi waseGalile, uHerode Antipase (indodana kaHerode Omkhulu), useJerusalema ePhasikeni, ngakho uPilatu uthumela uJesu kuye. Ngaphambili, uHerode Antipase wanquma ikhanda likaJohane uMbhapathizi, futhi kamuva uHerode wesaba lapho ezwa ngemisebenzi eyisimangaliso eyayenziwa uJesu, esaba ukuthi uJesu eqinisweni kwakunguJohane ovuswe kwabafileyo.

Manje, uHerode ujabula kakhulu ngalelithemba lokubona uJesu. Lokhu akungenxa yokuthi ukhathalela inhlala-kahle kaJesu noma ufuna ukwenza umzamo wangempela wokuzwa ukuthi ukumangalelwa kwakhe kuyiqiniso yini noma cha. Kunalokho, umane nje unelukuluku lokwazi futhi unethemba lokubona uJesu enza isimangaliso esithile.

Nokho, uJesu uyenqaba ukwanelisa ilukuluku likaHerode. Eqinisweni, njengoba uHerode emphenya, akasho lutho. Edumele, uHerode nabalindi bakhe bayambhinqa uJesu. Bamembathisa ingubo ekhanyayo futhi bamhleka usulu. Khona-ke bamphindisela kuPilatu. Ngenxa yalokho, uHerode noPilatu, ababeyizitha ngaphambili, baba abangane abakhulu.

Lapho uJesu ebuya, uPilatu ubizela ndawonye abapristi abakhulu, ababusi abangamaJuda, nabantu abese ethi: “Nilethé kimi lomuntu ngokuthi ungodukisa abantu. Bhekani, mina ngimhlolile phambi kwenu, kepha angifumananga-cala lalezozinto enimmangalela ngazo; kunjalo noHerode futhi ngokuba umbuyisele kithi; bheka-ke, akenzanga-lutho afanele ukufa ngalo. Ngakho-ke ngiyakumshaya, ngimkhulule.”

Ngakho-ke uPilatu usememezele kabili ukuthi uJesu akanacala. Ushisekela ukumkhulula, ngoba uyabona ukuthi abapristi baye bamnikela ngenxa nje yenzondo. Kodwa njengoba uPilatu eqhubeka ezama ukukhulula uJesu, uthola esinye isisusa esinamandla sokwenza kanjalo. Lapho esesihlalweni sakhe sokwahlulela, umkakhe uthumela umyalezo, emnxusa: “Ungabi-nandaba kulowomuntu olungileyo; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni [ngokusobala elivela phezulu].”

Nokho, uPilatu angayikhulula kanjani lendoda engenacala, njengoba azi ukuthi kumelwe ayikhulule? Johane 18:36-38; Luka 23:4-16; Mathewu 27:12-14, 18, 19; 14:1, 2; Marku 15:2-5.

◆ UJesu uwuphendula kanjani umbuzo ophathelene nobukhosi bakhe?

◆ Liyini “iqiniso” uJesu asebenzisa konke ukuphila kwakhe kwasemhlabeni elifakazela?

◆ Siyini isahlulelo sikaPilatu, abantu basabela kanjani, futhi uPilatu wenzani ngoJesu?

◆ Ungubani uHerode Antipase, kungani ejabula kakhulu ngokubona uJesu, futhi wenzani ngaye?

◆ Kungani uPilatu eshisekela ukukhulula uJesu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela