Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 12/1 k. 31
  • “Izinyembezi Zokwazisa”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Izinyembezi Zokwazisa”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 12/1 k. 31

“Izinyembezi Zokwazisa”

“NGIKHALA izinyembezi zokwazisa, ngisanda kuqeda ukufunda isihloko esithi ‘Indlela Yokusiza Abacindezelekile Ukuba Baphinde Bathole Injabulo.’” (INqabayokulinda kaMarch 15, 1990, amakhasi 26-30) Yaqala kanjalo enye yezincwadi eziningi zokwazisa ezatholwa iNhlangano ngenxa yezihloko ezikhuluma ngokucindezeleka ezavela komagazini bethu bakaMarch 1 noMarch 15, 1990. Nokho, lenkulumo ngokukhethekile yayivela kudade eJapane ondodana yakhe encane yayisanda kuhlaselwa isifo sokuphazamiseka kwengqondo. Uyachaza:

“Njengoba ngiduduza futhi ngikhuthaza umphefumulo ocindezelekile nsuku zonke, ngezinye izikhathi ngizizwa ngikhathala kakhulu ukuba ngingaqhubeka. Lapho kuqala ukuhlwa, indodana yami ifikelwa ukwesaba novalo. Ngakho ngiyinikeza amaphilisi okulala futhi ngihlale eceleni kombhede wayo ngiphulula izandla zayo futhi ngibeke isandla sami ebunzini layo ize ilale. Kufana nje nokulalisa umntwana, futhi ngemva cishe kwehora, ekugcineni iyazumeka. Kulapho engizizwa khona ngikhululekile, kodwa ngesikhathi esifanayo, ngizitshela ukuthi olwakusasa ekuseni luzoletha olunye usuku okumelwe ngibhekane nalo.

“Indodana yami ithi, ‘Angilusizo lwalutho. Alikho ithemba ngami.’ Nsuku zonke ibuza ngokudabukisayo, ‘Ingabe ngiyokwelapheka ekuguleni kwami? Ngiyokhululeka nini ekusebenziseni imithi? Loluhlobo lokuphila luyoqhubeka isikhathi eside kangakanani?’ Ngezikhathi ezinjalo ngisebenzisa imibuzo ethile ukuze ngiguqule ukucabanga kwayo njengoba kwasikisela omagazini, futhi lokhu kuyayisiza ukuba ibe ngcono ngezinga elithile. Kodwa siphindaphinda into efanayo ngaso sonke isikhathi.

“Kuba khona izikhathi futhi lapho indodana yami ibiza khona abadala [basebandleni elisendaweni yakithi] phakathi kwamabili uma izizwa inovalo kakhulu futhi ibacele ukuba bayithandazele. Lokhu kubonakala kuyinduduzo enkulu kuyo futhi kwenza umqondo wayo uphumule. . . . Ngokuvamile, isimo sendodana yami siba sibi kakhulu lapho umyeni wami (ongakholwa) engekho ehambe ngomsebenzi. Lapho ngicela usizo ngocingo, abazalwane abaningi beza ngokushesha ekhaya lethu.

“Ngiyanibonga, bazalwane, ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yami ngokukhipha kwenu izihloko zaloluhlobo ngezikhathi ezithile futhi nibonisa ukuthi niyazinakekela izidingo zababuthakathaka.”

[Isayiniwe] H. H.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela