Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 11/1 kk. 16-17
  • ISamariya—Enye Yezinhloko-dolobha Zasenyakatho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISamariya—Enye Yezinhloko-dolobha Zasenyakatho
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wakhuthazelela Ukungabi Nabulungisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-11—1 AmaKhosi
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Yini Abayithola EJizreyeli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • INgxenye 2—IAsiriya Enonya—Umbuso Wezwe Wesibili Omkhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 11/1 kk. 16-17

Imifanekiso Evela EZweni Lesithembiso

ISamariya—Enye Yezinhloko-dolobha Zasenyakatho

IBABILONI, iNineve, neRoma. Kwakungamadolobha ayinhloko ezikhathini zeBhayibheli. Nokho, ngokweBhayibheli, ngaphandle kweJerusalema ngokwalo, inhloko-dolobha ephawuleka kakhulu cishe kwakungeyona enye yawo kodwa, kunalokho, kwakuyiSamariya. Iminyaka ecishe ibe ngu-200, yayiyinhloko-dolobha yombuso wezizwe eziyishumi zakwaIsrayeli, futhi imibiko eminingi engokwesiprofetho yayigxile eSamariya. Kodwa wazini ngeSamariya? Futhi kungani lalingenye yezinhloko-dolobha zasenyakatho?

Ubhekisela ebalazweni, khumbula umlando othile ngemva kokuhlubuka kwezizwe eziyishumi zakwaIsrayeli enkosini kaJehova nasethempelini eJerusalema. UJerobowamu owahola ekwakheni umbuso wasenyakatho, wabusa isikhashana eShekemi, endleleni yasentabeni enyakatho-ningizimu. Kamuva uJerobowamu washintsha inhloko-dolobha yakhe yaba iTirisa, eyayisenhlokweni yeWadi Far‛ah. Indlela esuka esiGodini saseJordani yayidlula eTirisa ixhumane nomgwaqo wasentabeni. Ingabe bewazi ukuthi iTirisa yayiyinhloko-dolobha yombuso wezizwe eziyishumi ngesikhathi sokubusa kukaNadabi, uBahasha, uEla, uZimri, ngisho no-Omri?—Genesise 12:5-9; 33:17, 18; 1 AmaKhosi 12:20, 25, 27; 14:17; 16:6, 15, 22.

Nokho, ngemva kweminyaka eyisithupha, uOmri wakha inhloko-dolobha entsha. Kuphi? Wathenga intaba oyibona ngakwesobunxele, iSamariya. (1 AmaKhosi 16:23-28) Nakuba manje inezindawo zokulima ezinkulu ezisazitebhisi, uOmri ngokunokwenzeka wayikhetha ngoba igquma elinesiqongo esiyisicaba eliphumele ngaphezu kwethafa lalivikeleke kahle. Indodana yakhe uAhabi yaqhubeka nokwakha iSamariya, ngokusobala inweba izinqaba zalo ngezindonga ezinkulu. Yakha futhi ithempeli likaBali nendlu yobukhosi yayo nomkayo waseFenike, uJezebeli. Ukuvubukula kuye kwembula izimvithi zomuzi wobukhosi ka-Ahabi, eziboniswe ekhasini elilandelayo. Lowomuzi wobukhosi wawaziwa ngokunethezeka nangobubi obudlulele. (1 AmaKhosi 16:29-33) Cabanga ngomprofethi uEliya ekhuphukela kulelidolobha ehamba ngomgwaqo obanzi oya emzini wobukhosi, ukuba ayosola ububi buka-Ahabi obabugxile kuBali.—1 AmaKhosi 17:1.

Ngo-1910 abavubukuli bathola lapho izindengezi ezazinemibhalo, kunemibhalo yokuthunyelwa kwewayini namafutha omnqumo noma izintela ezazikhokhwa. Kodwa amagama amaningi abantu ayenegama elithi baʹal kuwo. Kungase kukuthakazelise futhi ukuthi abavubukuli bathola nezingcezu zemihlobiso eyenziwe ngezimpondo zendlovu, njengoba kuboniswe lapha. Khumbula ukuthi esikhathini eside ngaphambili eyoku-1 AmaKhosi 22:39 yakhuluma ngokuthi uAhabi wakha ‘indlu yezimpondo zendlovu.’ Mhlawumbe lokhu kuhlanganisa impahla yasendlini enemihlobiso eyenziwe ngezimpondo zendlovu, njengobukhazikhazi ‘bemibhede yophondo lwendlovu’ umprofethi uAmose abhekisela kuyo ekhulwini leminyaka kamuva. (Amose 3:12, 15; 6:1, 4) Phakathi kwemidwebo eyayikuyo kwakunowesilwane esinamaphiko, esinomzimba webhubesi, nobuso bomuntu kanye neminye imifanekiso ephathelene nezinganekwane zaseGibithe.

Ukuthintwa kuka-Ahabi noJezebeli kungase kukukhumbuze indlela abafa ngayo. UAhabi walahlekelwa ukuphila kwakhe empini yobuwula neAsiriya. Lapho inqola yakhe igezwa eduze ‘kwechibi laseSamariya . . . izinja zaxhapha igazi lakhe,’ njengoba uEliya ayeshilo. (1 AmaKhosi 21:19; 22:34-38) Indlovukazi uJezebeli wajikijelwa efasiteleni lendlu yobukhosi wafa. Ingabe kwakukulendlu yobukhosi eSamariya? Cha. UAhabi wayenenye indlu yobukhosi enyakatho esigodini sikaJizreyeli. Wafisa isivini esasiseduze sikaNaboti. Besekuphakameni kwaleyondlu, abalindi bebheke ngasempumalanga babona uJehu egibelise okohlanya ekhuphuka esigodini. Futhi lapho owayeyindlovukazi yaseSamariya waphahlazeka kwaphumela esiphethweni sakhe esesabekayo kodwa esifanelekile.—1 AmaKhosi 21:1-16; 2 AmaKhosi 9:14-37.

Nakuba iSamariya laqhubeka lilokhu liyinhloko-dolobha, lalingenakho ukuvunyelwa uNkulunkulu noma isibusiso. Kunalokho labonisa ubutha nobumpi ngenhloko-dolobha yakhe eseningizimu, iJerusalema. UJehova wathumela abaprofethi abaningi ukuze axwayise ababusi baseSamariya nabantu balo ngokukhonza kwabo izithombe, ukuziphatha okubi, nokungahloniphi imithetho yakhe, kodwa akusizanga. (Isaya 9:9; 10:11; Hezekeli 23:4-10; Hoseya 7:1; 10:5; Amose 3:9; 8:14; Mika 1:1, 6) Ngakho-ke ngo-740 B.C.E. iSamariya lathola isijeziso, lichithwa iAsiriya. Abaningi babantu balo bathunjwa, isikhundla sabo sathathwa abafokazi.—2 AmaKhosi 17:1-6, 22-24.

Kamuva, ikakhulukazi ngesikhathi sikaHerode Omkhulu, amaGreki namaRoma abuyisela ukuvelela kweSamariya. Ngakho-ke ngisho noJesu nabaphostoli babejwayelene kakhulu nalenhloko-dolobha engenye yezinhloko-dolobha zasenyakatho.—Luka 17:11; Johane 4:4.

[Ibalazwe ekhasini 16]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

IJizreyeli

ITirisa

ISamariya

IShekemi

IJerusalema

UMfula IJordani

[Umthombo]

Based on a map copyrighted by Pictorial Archive (Near Eastern History) Est. and Survey of Israel.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

[Imithombo Yezithombe ekhasini 17]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

Garo Nalbandian

Inset: Israel Department of Antiquities and Museums; photograph from Israel Museum, Jerusalem

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela