Ingabe Ulangazelela Isikhathi Lapho . . .
□ ungase uzizwe uphephile futhi ulondekile ekhaya lakho—kungakhathaliseki ukuthi isikhathi sini sosuku?
□ kungeke kube nasidingo sezihluthulelo, imigoqo yensimbi, izinhlaba-mkhosi, izimbotshana zokulunguza ngaphandle, izintango, omantshingeyana, izinja zokugada, nezinye izindlela zokuqinisekisa ukulondeka?
□ ungahambahamba emigwaqweni wedwa uphephe ngokuphelele, ngisho nasebusuku?
□ izidakamizwa ezilimazayo nazo zonke izinkinga ezihambisana nazo ziyomane nje zibe inkumbulo efiphele?
□ zonke izimpi ziyobe seziphelile, futhi izikhali zingasenziwa noma zinqwatshelaniswe?
□ kungeke kusadingeka ukuba ukhathazeke ngokudla okungcolisiwe, umoya, namanzi?
□ ubuphekula, ukuthumba, nokusongela kweziqhumane kuyoqedwa khona ngokuphelele?
□ amakhono omhlaba angokwemvelo eyovikelwa, alondolozwe, futhi asetshenziswe ngokuhlakanipha ngokwenzuzo yabo bonke?
□ ukuhaha nobugovu kungeke kusaba amandla ashukumisayo phakathi kwesintu?
□ izingane ziyolondoloza ubumsulwa bazo futhi zihloniphe abanye nempahla yabo?
□ abesifazane bengeke bacindezelwe futhi benziwe izisulu?
□ imithetho nezimiso kuyoba ngokungakhethi futhi kwenganyelwe ngokulunga ngenxa yenzuzo yabo bonke?
□ uhulumeni eyokwenza izinqumo ezisekelwe ezidingweni zangempela futhi hhayi kwezombangazwe?
□ inkululeko nokulingana kungeke kushunyayelwe nje kuphela kodwa futhi kuyokwenziwa?
□ ubumpofu bungeke busaba khona, kodwa bonke beyoba nanoma yini edingekayo ngenxa yempilo yabo, inhlala-kahle, nenjabulo?
□ izingane ziyothandwa futhi zinakekelwe futhi zingaphinde zixhashazwe noma zishiywe?
□ izifo nokufa kuyobe sekunqotshiwe, futhi kungeke kube nemiqedazwe esabekayo?
□ wonke umuntu ohlangana naye eyoba nomusa, nosizo, kanye nokwethenjelwa?
□ ukuphila kwawo wonke umuntu kwaziswa ngempela, futhi bonke bengathola injabulo ehlala njalo?
□ inkolo ingeke isaba amandla ahlukanisayo, aholela obandlululweni olungokwenkolo, enzondweni, nasezimpini?
□ bonke beyoba nezindawo zokuhlala ezanele nezijabulisayo, futhi ukungabi namakhaya kube yinto yesikhathi esidlule?
Uma ungase uthi yebo kunoma yikuphi kwalokhu okungenhla, kuzokuthakazelisa ukufunda izihloko ezilandelayo.